Iciko lakuleli linandise emshadweni waseMelika

Sizwe Sibiya

Kube nesasasa elikhulu kuleli ngesikhathi uLloyiso ecula emshadweni wosaziwayo baseMelika.

Ngesikhathi izithombe zokuqala zomshado kaBrooklyn Beckham noNicola Peltz zivela kwi-inthanethi, iNingizimu Afrika iye yajabula kakhulu ukubona omunye wabaculi bayo abathembisayo ecula emcimbini.

Umculi osafufusa uLloyiso ucule kamnandi kwangathi lo mcimbi ubungubukhazikhazi obuse-Palm Beach e-Florida ngoMgqibelo bekungowakhe.

ULloyiso, owaduma kuma-SA Idols ngo-2015, ucule ngesikhathi uBrooklyn Beckham – indodana yomdlali webhola odumile uDavid Beckham – nomlingisi uNicola Peltz bedansa okokuqala ngqa njengabashadikazi.

Umculi onethalente ucule ingoma ethi “Only Fools Rush In”, kubika i-Vogue UK, ngemuva kwesidlo sasebusuku.

UNicola (27), uyindodakazi kasomabhizinisi waseMelika uNelson Peltz.

Njengoba aqala ukubonakala kuma-Idols eneminyaka engu-15, uLloyiso akayena umafikizolo kulo mkhakha futhi usenesikhathi edlondlobala. NgoMandulo nyakanye, waphula amarekhodi ngesikhathi esayina isivumelwano sokuqopha umculo ne-Universal Music Group South Africa (I-UMGSA) kanye nelebuli yaseMelika i-Republic Records, kanti waba ngumculi wokuqala waseMzansi ukusayina ne-Republic Records.

Abaculi baphesheya kwezilwandle abasayine ngaphansi kwe-Republic Records nguDrake, uPost Malone, u-Ariana Grande kanye noTaylor Swift ukusho abambalwa.

Nakuba uLloyiso engakaziqinisekisi lezi zindaba noma abelane ngezithombe zakhe esemshadweni, wabelane ngezithombe zakhe ese-Time Square e-New York ezinkundleni zokuxhumana, ngoLwesine, ezinsukwini ezimbili ngaphambi komcimbi womshado.

Umthombo wesithombe: Instagram

Scrolla World Cup Quiz