Iciko lakuleli lihlungele ukuyodansa eMeliika

Doreen Mokgolo

Selokhu uBlessing Mtetwa aqala ukudansa eneminyaka eyisithupha wayenephupho lokudansa emazweni aphesheya.

Ngemuva kweminyaka eyishumi, ekugcineni ukusebenza kanzima kukaBlessing kubea nomvuzo ngemuva kokuthi isikhungo sokuhlola simbone ekhasini lakhe laku-Instagram.

UBlessing odabuka e-Springs e-Ekurhuleni usehlungele ukukhombisa ithalente lakhe e-New York ngoNtulikazi.

Umdidiyeli onekhono kanye nomdansi ovela esikoleni se-Progressive Music, Dance and Arts ukhuthazwe ukuthi ahlolwe yi-International Arts and Talent Showcase (i-IATS), umbukiso wethalente onikeza intsha enekhono ithuba lokudansa eMelika.

Uphume phambili ngemuva kokuvivinywa phambi kwezinhloli zemboni yezokungcebeleka yamazwe ngamazwe futhi uhlungele ukungenela umlenze wokugcina walo mqhudelwano eMelika.

UBlessing uthe leli thuba lizomvulela iminyango yamazwe ngamazwe.

“Akuzona zonke izinsuku lapho intombazane yaselokishini ithola khona ithuba lokuyodansa eMelika.

“Ngilisebenzele kanzima leli thuba futhi ngisazimisele ngokuthuthukisa amakhono ami. Ngazalwa naleli thalente kodwa kusafanele ngisebenze kanzima ukuze ngibe ngcono kunayizolo,” esho.

Ukholelwa ukutheni kuhlezi kukhona umuntu odansa kahle njengaye yingakho kumele ehlezi enza okungaphezulu.

UBlessing uthe usezilolonga amahora amaningi kusukela ethole izindaba ezimnandi.

“Ngiyethemba ukuthi ngelinye ilanga igama lami lizobungazwa njengelinye labadansi abahamba phambili emhlabeni kanye nokudansela abaculi abahamba phambili be-hip hop,” usho kanje.

Uthe ubukela kubadansi basekhaya abafana noMokonenyane, uSean Lew kanye noBailey Sok.

“Indlela yabo yokusebenza ingikhuthaza ukuthi ngibe ngcono kakhulu,” usho kanje.

Scrolla World Cup Quiz