Iciko lakuleli lihlaselwe isifo sohlangothi

Sizwe Sibiya

ULira, ongumculi nosewine izindondo ze-South African Music Awards amahlandla ayishumi nanye, ungeniswe esibhedlela eNingizimu Afrika ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi eseJalimane eyocula.

Umndeni kaLira umemezele lezi zindaba encwadini oyibhalele abalandeli bakhe ngoLwesibili, waveza ukuthi “ikhono lakhe lokuxhumana, ikakhulukazi ukuphimisa kwakhe, kuthintekile.”

Lo mculi, ohlanganise iminyaka engu-43 ngenyanga edlule, usesibhedlela futhi usalulama.

“Okwamanje ulashwa eNingizimu Afrika, yithimba lodokotela abasezingeni eliphezulu.

“Ithimba lakhe lezokwelapha liluleke ngokuthi uhambo lwakhe lokululama luzodinga isineke ngakho-ke, mancane amathuba okuthi akwazi ukucula esikhathini esifushane,” kufundeka incwadi.

“Sesikushilo lokho, uLira usemoyeni omuhle futhi unomndeni wakhe onothando nabangani abasondelene naye njengoba ezabalazela ukululama ngokugcwele.

“Sinibonga nonke ngemithandazo yenu, ukuseseka, umusa, ukusizwela nokusicabangela okukhulu kulesi sikhathi esinzima empilweni yakhe. Ukukhanya makubekhona!”

ULira, ogama lakhe langempela nguLerato Molapo, bekumele azonandisa embukisweni wonobuhle eGoli ngemuva kokuqashelwa ukuyonandisa eJalimane ngoNdasa, kubika i-SundayWorld .

Umdidiyeli wengoma ethi “Feel Good” muva nje ujabulise abalandeli bakhe ngephimbo lakhe elimangalisayo kwi-JR Feel Good Live Session, okuyinkundla eyasungulwa umculi uThabo ‘JR’ Bogopa esingatha izingoma ezibukhoma ku-YouTube.

Izihloko zakamuva