Iciko lakuleli libuyile

Sizwe Sibiya

U-Anele Mdoda ubuyile kuleli, kanti uzosingatha uhambo lwabafundi emhlabeni wonke.

Lo msakazi osanda kusayina inkontileka yeminyaka emihlanu ne-Primedia engabanikazi besiteshi somsakazo i-947 ngenyanga edlule, umemezele ngenyanga edlule ukuthi uzothatha ikhefu lezinyanga ezimbili ohlelweni lwasekuseni i-Anele and The Club.

Le ntokazi (37) ebisohlelweni nosomahlaya uTrevor Noah esitudiyo se-Daily Show ngesikhathi ise-New York City ithe izohambela amakilasi “e-Future-Fit” emhlabeni jikelele.

NgoMgqibelo ebusuku, uMdoda ubengumphathi wohlelo emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo we-Heineken All Invitational obuhlanganisa izihlabani zebhola esezathatha umhlalaphansi okunguTeko Modise noBenni McCarthy.

“Sekuzobamnandi – #HeinekenAllinvitational. Izihlabani zikhona lapha,” kusho u-Anele ku-Twitter ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo eGoli.

Njengoba lo mdlalo bekuhloswe ngawo ukufaka wonke umuntu okwezemidlalo, womabili la maqembu abenabadlali besilisa nabesifazane, kanti okaputeni bekuyizihlabani zabesifazane zamazwe ngamazwe. URosella Ayane odlalela i-Morocco kanye ne-Tottenham Hotspurs yaseNgilandi ubengukaputeni weqembu i-Ayane, ngesikhathi inkakha yebhola lezinyawo yaseMelika eseyathatha umhlalaphansi uKristine Lilly engukaputeni weqembu le-Lilly, eliwine emdlalweni wabadlali abahlanu.

UMdoda, ogcine amandla akhe esezingeni eliphezulu esikhungweni sezemidlalo engaphakathi, kulindeleke ukuthi abuyele endimeni yakhe ku-947 ekuqaleni kukaNtulikazi kulo nyaka.

Izihloko zakamuva