Sizwe Sibiya
Yize enqatshelwe ukucula kuma-Grammy ngeSonto ebusuku, uKanye West uhlomule ngendondo ye-Best Rap Song neye-Best Melodic Rap Performance.
Kubikwa ukuthi lo mrepha waseMelika unqatshelwe ukucula izingoma ezikwi-albhamu yakhe yakamuva ethi-Donda ngenxa “yokuziphatha okungekuhle kwi-internert”. UWest usolwa ngokuhlukumeza owayengunkosikazi wakhe uKim Kardashian, isoka lakhe elisha uPete Davidson kanye nosomahlaya uTrevor Noah.
UNoah ubengumphathi wohlelo emcimbini obuse-Las Vegas.
Kodwa-ke, uWest uye wavunyelwa ukuhambela lo mcimbi njengoba eqokwe kwizindondo eziyisikhombisa, okubalwa nendondo ye-Best Rap Album. Leyo ndondo ihlwithwe nguTyler the Creator ngengoma ethi-Call Me if You Get Lost.
Kodwa lokho akuzange kuvimbe uWest ukuthi afinyelele kwirekhodi likaJay Z lezindondo zama-Grammy ezingu-24. Lezi zihlabani zomculo we-rap ziphezulu esicongweni ngama-Grammy angu-24 umuntu ngamunye ngemuva kokuwina indondo ye-Best Rap Song ngengoma ethi-“Jail”, abacula kuyo ndawonye.
UKanye uhambe nendondo ye-Best Melodic Rap Performance Grammy ngengoma ethi-“Hurricane”.