IChina nesixazululo sokusiza iZimbabwe ngezinkinga zikagesi 

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Abangongcweti kwezamandla kagesi bathi umshini welanga  ophakanyiswe i-China Energy Engineering Corp (China Energy) uzolekelela kakhulu ekwehliseni ukucisha kukagesi okwesikhathi eside e-Zimbabwe.

I-Zimbabwe njengamanje ikhiqiza amandla angaphansi kwengxenye edingekayo engu-1,700MW, ngenxa yokungasebenzi kahle kwezimboni zayo  eziphehla ugesi ngamalahle nokuncipha kwamanzi edamini lase-Kariba.

 Ezinye izindawo ziba nogesi amahora amathathu kuphela ngosuku.

Amaphaneli elanga azofakwa phezu kwechibi, amadamu ezimboni noma ezindaweni eziseduze nogu ukuze kwakheke i-solar floating plant.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, umqondisi we-Ex Africa Energy uTawanda Maruza uthe u-1,000MW nakanjani uzohamba ibanga elide ekwehliseni ukucisha kukagesi.

“Ububi engibubonayo ekupheleni kwesikhathi samaphaneli elanga noma amabhethri, singabhekana nezinselelo eminyakeni embalwa kusukela manje uma singahlelanga ngendlela. Kudingeka uhlelo oluqinile lwesikhathi eside.”

UMaruza uthe ziningi izinzuzo ezihambisana nokuhlinzekwa kukagesi njengomkhakha wezokukhiqiza, ukuthuthukiswa kwe-GDP kanye nokuthunyelwa kukagesi ngokweqile.

“Izingxenye ezizosetshenziswa embonini cishe zizokhiqizwa ngaphandle kwendawo, ngakho-ke ngeke kuphazamise nakancane abantu abazungeze le ndawo njengoba kuzobe kukhona ugesi wokuqhuba amabhizinisi nogesi ezikoleni.”

“Izinto ezizosetshenziswa uma kwakhiwa lesi sikhungo ezemvelo futhi kuzodaleka amathuba emisebenzi kubantu bakule ndawo.

UNgqongqoshe wezaMandla uSoda Zhenya uthe izinkampani ezizimele nazo zimenyiwe ukuthi zibambe iqhaza endaweni yokukhiqiza ugesi.

“Amandla elanga awasetshenziswa kakhulu futhi i-Zimbabwe inamandla okukhiqiza i-solar engu-50,000MW ngosuku.

Isiphakamiso se-China Energy ku-Zimbabwe Power Company sizobonisa ukufakwa kwama-solar panel alinganiselwa ku-1.8 million ngemali engu-R18 billion (US$987 million).

Lo msebenzi ubandakanya ukulungiswa kwendawo, ukwakhiwa kanye nokusetshenziswa kwepulazi lelanga elikhiqiza u-1,000MW AC kanye nesiteshi sokuthuthukisa amandla esingu-330kV/33kV.

Kuzophinde kuhlanganise nolayini wokuthutha okusuka esiteshini kuya esiteshini esincane e-Kariba, ngokwesiphakamiso.

Umqondisi we-Zimbabwe Electricity Supply Authority, uDokotela George Manyaya uthe bazokhipha isitatimende mayelana nendlela eya phambili ngemuva kokuba kuqedwe zonke izingxoxo.

Isithombe esingennla: Indawo yagesi esebenza ngelanga eyakhiwayo

Umthombo wesithombe: I-Sunmaster Solar Light Manufacturer

Izihloko zakamuva