Ichilo umfundisi wase-Ghana (63) eshada intombazanyana (12)

Umfundisi oneminyaka engu-63 ubudala owaziwa ngelikaGborbu Wulomo ushade nentombazane eneminyaka engu-12 ubudala e-Ghana ngoMgqibelo.

Imibiko iveza ukuthi umfundisi wakhetha le ntombazanyana ukuba ibe ingoduso yakhe ngesikhathi iseneminyaka eyisithupha nje kuphela ubudala.

Isivakashi sichaze ukuthi lo mshado uyingxenye yesiko lokuthi umfundisi kumele ashade nentombazane engakaze ilale kanti endaweni yase-Nungua azikho izintombi ezineminyaka engaphezu kweyisishiyagalolunye.

Le ntombazanyana kulindeleke ukuthi ibambe iqhaza emcimbini wesibili ozobe ugxile ekuyihlanzeni, kubika i-Pulse.

“Lolu siko luyithemba lokuthi lizomnika amandla okufeza izibopho zakhe ezilindelekile njengonkosikazi kaGborbu Wulomo okuhlanganisa nokuzala izingane,” kwengeza i-Pulse.

Umfundisi uGborbu Wulomo eNungua uvikela okukhulunywa ngalo mshado.

“Usafunda isikole angeke ahlale noGborbu Wulomo. Saqala umshado wesintu ka-Naa Yomo Ayemuade ukuze sixoshe abanye besilisa eduze kwakhe. Uma esekhulile sizoba namasiko ethu okugcina.”

Imibiko iphinde yaveza ukuthi umfundisi ushade nentombazane ukuze agweme omunye umuntu wesilisa ukuthi angalali nayo.

Okhulumela ithempeli uNii Bortey Kofi Frankwa II uchaze ukuthi umshado uvunyelwe kanjani ukuthi uqhubeke.

“Intombazane encane ingowesifazane ozelwe kabusha owaphila eminyakeni engaphezu kwengu-300 edlule futhi usebuyile ukuze aqinisekise ukuthi amasiko angcwele womunye wezithixo angakaze enziwe iminyaka ayafezeka.”

Umfundisi kuzodingeka alinde kuze kube uyakhula noma ufinyelela eminyakeni emvumela ukuba ashade nokubeletha ukuze akwazi ukulala naye.

Iminyaka esemthethweni e-Ghana evumela ukuthi intombazane ishade iminyaka engu-18.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: Umfundisi nomakoti wakhe osemncane.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva