Lubhalwe nguKhaya Ndaba
Isoka likagogo elihlala emzini wakhe lisolwa ngokudlwengula umzukulu kagogo (11) amahlandla amaningi. Kodwa esikhundleni sokutshela amaphoyisa izinhlangothi zombili zilungise lolu daba ngenkokhelo eyimfihlo.
Kuthiwa ugogo wengane ungene ezingxoxweni nesinqandamathe sakhe nomndeni waso bavumelana ngodaba lwezimali.
Ubugebengu obushaqisayo buvele ngoLwesithathu olwedlule ngesikhathi umphakathi wase-Ivory Park uthola ngalezi zinsolo.
Bobabili isoka nogogo bayiswe esiteshini samaphoyisa e-Ivory Park lapho abagcinwe khona esitokisini njengoba belindele ukuvela enkantolo.
Ngokophenyo lokuqala olwenziwe abakwa-SAPS kanye ne-Ekurhuleni Child Protection and Sexual Offences Unit,umsolwa usolwa ngokudlwengula ingane amahlandla amaningi.
UKaputeni Bernard Matimulane uthe owesifazane akafunanga ukudalulwa futhi wenqabile ukudalula inani eliqondile lenhlawulo.
Umphathi siteshi uBrigadier David Mbongeni udlulise ukubonga emphakathini ngokuletha abasolwa ezikhulwini ngaphandle kokususa udlame.
“Sibonga umphakathi othe mawuzwa ngokwenzekile entombazaneni wabeka phambili amalungelo engane ngokuletha ugogo kithina ukuze aziphendulele ngesinqumo sakhe esibi,” kusho uNgcobo.
Le ntombazanyana ibekwe endaweni ephephile futhi izothola ukwelulekwa ukuze ikwazi ukubhekana nalolu sizi.
Esithombeni esingenhla: Itheyiphu yobugebengu yamaphoyisa