Lubhalwe intatheli yeScrolla
Ividiyo yendoda eneminyaka ephakathi yase-Kano eNyakatho ye-Nigeria ishada nentombazanyana (11) yamukelwe ngentukuthelo ezinkundleni zokuxhumana
Le ndoda iyi-alhaji okusho ukuthi iyilungu eliphezulu lomphakathi futhi ike yahambele e-Mecca. Imishado enjalo isemthethweni eNyakatho ye-Nigeria.
Kwividiyo esabalele kakhulu ku-inthanethi, le ndoda eyi-Alhaji izwakalisa injabulo enkulu njengoba yethula umkakhe omusha futhi imsondeza eduze kwayo.
Le ndoda ithi lo mshado ungowothando futhi uyisivumelwano: “Nguyena engimkhethile. Ngishade naye ngoba siyathandana.”
Yize abaningi ezinkundleni zokuxhumana bewugxeka lo mshado njengokuhlukumeza izingane, abanye bawuvikele bathi inkolo yamaSulumane iyayivumela imishado enje futhi ijwayelekile eNyakatho ye-Nigeria.
Nasi isibonelo sezimpendulo yaku-twitter:
“Ukuhlukunyezwa kwezingane kodwa umthetho wase-Nigeria ungokunye. Qedani umShado weZingane.”
“Ukucabanga nje le ndoda igibele le ngane kuyiphupho elibi.”
“Lokhu kuwukunukubezwa kwezingane okusobala, futhi ezikhathini eziningi ngiye ngizibuze ukuthi ingabe inkolo yamaSulumane e-Nigeria ihlukile yini kulena abayenza ngaphandle kwase-Nigeria.”
“Lena i-paedophilia ehlotshisiwe. Ukhona yini umuntu ongangichazela ukuthi indoda endala kangaka ikhangwa yini enganeni? Kuyadabukisa lokhu 😢.”
“Imbudane yonke lento😒😏 le ngane iyabonakala ukuthi ayijabulile.”
Esithombeni esingenhla; Owesilisa oyi-Alhaji nomakoti wakhe
Umthombo: twitter