Ichilo ngabenza uteku ngomzimba kaNdlunkulu

Sihle Mkhize

Umndeni weSilo uMisuzulu wakwaKhalamankengane kuthiwa uhlukene phakathi ngengoduso yokuqala yembube, uNdlunkulu uNtokozo kaMayisela, nokuholele ekutheni abe yisisulu sokuhlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana.

UMntwana Bukhosibemvelo kanye nengoduso yomfowabo weSilo uBambindlovu, ukaVilakati, baqophe ividiyo lapho abakhuluma khona amagama ayiziswana ngomuntu onomzimba omkhulu okungacaci ukuthi abebhekiswe kubani.

UMntwana usabalalise ividiyo kwi-akhawunti yayo yezinkundla zokuxhumana.

Ngokusho komthombo, amagama ahlabayo ebebhekiswe kuNdlunkulu ukaMayisela.

“UBukhosibemvelo uqophe ividiyo edicilela isithunzi sikaNdlunkulu ukaMayisela phansi,” kusho umthombo.

Kwividiyo eyisiqeshana semizuzwana engu-30, uBukhosibemvelo uzwakala enza ihlaya ethi ubuhle buhambisana nomndeni kanye “nosayizi wokugqoka ongu-32″.

“Nawe uyasibona nje ukuthi sibahle kanjani, ngihamba nomakoti wakithi, ingoduso kaBambindlovu uMphemba kaVilakati, ngibathanda bonke omakoti bakithi, ubuhle bukhona emndenini wakithi,” kusho uBukhosibemvelo.

Kubo bonke abelama iSilo uMisuzulu, nguLungelo noSimangaye kuphela abahloniphe umcimbi weSilo woMembeso obuse-Newcastle ngoMgqibelo.

Umthombo uveze ukuthi amanye amalungu omndeni awazizwa ekhululekile uma uNdlunkulu ukaMayisela ekhona.

I-Scrolla.Africa sitshelwe yimithombo esondelene neNdlunkulu kaZulu ukuthi uNozizwe kaMulela uyintandokazi. Amanye amalungu omndeni wakwaKhalamankengane ahlanganyele naye emcimbini wesintu wokuphuza ubhiya, umkhosi wamaganu, e-Swatini ngempelasonto.

Kwenye ividiyo ende, uBukhosibemvelo uzwakala encoma uKaMulela.

“Siyazi ukuthi uNdlunkulu ongasekho ubekuthanda kakhulu. Manje sesithole unkosikazi emndenini. Ngisho nezikhulu zakwa-SAPS zeSilo esakhothama zikhuluma ngazwi linye,” kusho uBukhosibemvelo encoma uKaMulela.

“Ubaluleke kakhulu, kunzima kakhulu ukuvala isikhala sikaNdlunkulu uMantfombi kodwa wena ungakwazi.”

Okhulumela iNdlunkulu kaZulu uMntwana uThulani Zulu uthe “Ngiyangabaza ukuthi bekuyimpoqo ukuthi babe khona e-Newcastle, miningi imicimbi eyenzeka namuhla, isigodlo nesigodlo sinezindaba zaso, angifuni ukugxila kakhulu kulokho kukhuluma, ikakhulukazi mayelana nabo njengoba ngingubaba.”

Izihloko zakamuva