Ichilo kuntshontshwa ukudla kwabakhahlanyezwe izikhukhula

Celani Sikhakhane

Kusolwa ukuthi amavolontiya e-ANC anikezwe ukudla kwalabo abakhahlanyezwe izikhukhula KwaZulu-Natal abelokhu enikeza ozakwabo esikhundleni sokunika abantu. 

Amavolontiya aphinde abhekane nezinsolo zokuhlukumeza abasebenzi benhlangano engenzi nzuzo.

IGugu Dlamini Foundation izwakalise ukukhathazeka ngokuthi amavolontiya e-ANC enza umsebenzi wawo ube nzima.

UThandazile Makhoba oyilungu lebhodi lenhlangano udalule ukuthi bayazama ukusabalalisa nokupheka ukudla kwabakhahlamezekile.

“Amavolontiya e-ANC abone lokhu njengethuba lokuyisa ukudla namanye amaphasela kubangani babo futhi bayasihlukumeza,” usho kanje.

Ubuye wengeza ngokuthi inhlangano yokusatshalaliswa kosizo ibingeyinhle nokudla okuningi kuzosaphazwa ngoba konakaliswa abasebenzi abangakwazi ukupheka.

“Sithole iminikelo kubantu nosomabhizinisi ukuze sisize abakhahlanyezwe izikhukhula njengoba kwesinye isikhathi uma uya kulezi zindawo lapho abasuke bebekwe khona uthole ukuthi banikezwe ukudla okuphekwe kabi safike sakulungisa lokho sapheka ngendlela efanelekile,” kusho yena. 

UNobhala we-ANC eThekwini uMnuz Musa Nciki uthe abazazi lezi zinsolo futhi akukho zikhalo abazitholile.

“Sizokwenza uphenyo olunzulu mayelana nalolu daba ngoba asinalo ulwazi,” kusho uNciki.

Induna engusotswebhu we-IFP eThekwini uNksz Ntombifuthi Gumede uthe akuyona yodwa inkinga ababhekene nayo le, enye yezinkinga ukuthi  kunamakhansela abhalisa abantu abangakaze bakhahlanyezwe izikhukhula ukuze bahlomule ezinhlelweni zosizo.

Uthe lokhu kusho ukuthi usizo luya kubantu abangafanele futhi izisulu zangempela zishiywa ngaphandle.

“Ezindaweni eziningi abakhahlanyezwe izikhukhula abasazimisele ngokuletha imininingwane yabo ngenxa yalolu hlobo lwenkohlakalo kuwadi-74 abantu abakaze bakuthole ukudla futhi kubuhlungu ngoba ukudla nokunye okubalulekile kunikezwa labo abaxhumene nabo,” kusho uGumede.

Scrolla World Cup Quiz