Amaphoyisa ayaphenya kokwebiwa kwesidumbu ethuneni esigodini sase-Mopani eLimpopo.
Kusolwa ukuthi isidumbu sikaModike Philemon Masedi sambiwa ethuneni sase sebiwa e-Sebakwe esigodini sase-Mokwakwaila.
UMasedi washona ngomhlaka-15 kuMasingana nyakenye wangcwatshwa ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa.
Emasontweni amabili kamuva, ngeSonto mhla zinhlanu kuNhlolanja ilungu lomndeni laya emathuneni liyohlanza ithuna lilungiselela umbuthano ozayo wokwembulwa kwetshe.
Kungaleso sikhathi lapho athola khona into embi kakhulu: wabona ithuna elimbiwe kukhona nebhokisi elingenaso isidumbu.
Wabikela amalungu omndeni kanye namaphoyisa.
Uphenyo lokuqala olwenziwa endaweni yesigameko luveze ukuthi abasolwa bangene emathuneni ngokusika uthango oluseceleni.
Okwamanje imbangela yalesi sigameko ayikaziwa.
Ukhomishana wamaphoyisa e-Limpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe unxuse amalungu omphakathi endaweni ukuthi ahloniphe uphenyo oluqhubekayo lwamaphoyisa.
“Izakhamizi kumele ziyeke ukukhombana ngeminwe,” kusho uHadebe.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Esithombeni esingenhla: Ithuna elimbiwe kwantshontshwa isidumbu
Umthombo wesithombe: Ihhovisi likaKhomishana wesiFundazwe: e-Limpopo