Ichilo induna ixosha isidumbu sowesifazane endaweni

Celani Sikhakhane

URose Mkhungo udlule emhlabeni ngenyanga edlule ngemuva kokugula isikhashana kanti lo mama wezingane ezinhlanu akakangcwatshwa.

Isidumbu sakhe sixoshwe endaweni ngemuva kokuthi umndeni wakhe wehluleke ukukhokhela umholi wendabuko imali engu-R2,000 yokukhonza nebhodlela le-whisky.

Imali yokukhonza ikhokhwa kubaholi bendabuko ezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal.

UMkhungo (58), ubelokhu ehlezi emakhazeni endawo kusukela ngomhlaka-20 kuNtulikazi ngemuva kokuthi induna yenqabe ukuthi izingane zakhe zimngcwabe endaweni ezaziyithenge esigodini saseMathulini ngase-Port Shepstone.

Udadewabo uNaledi Mkhungo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uRose walahlekelwa indlu yakhe eminyakeni embalwa edlule ngemuva kokuthi umyeni wakhe, owalahlwa yicala lokudlwengula enye yezingane zabo ebaxoshe endlini yabo waphinde wayidayisa emva kokuphuma ejele.

“Udadewethu nezingane zakhe bebengenalo ikhaya ngakho indodana yakhe yathenga indawo ngo-R11 000 kowesifazane osethuthele eKapa. Kodwa induna yendawo uFana Maluleka yathi kumele bakhokhe imali yokukhonza ngaphambi kokuthi babeke uhlaka endaweni,” kusho udadewabo kamufi.

Ngesikhathi uRose eshona uthe kuye kwafaneleka ukuthi bacele imvume yokusebenzisa indawo kodwa batshelwa ukuthi kumele bakhokhe imali yokukhonza kanye nenye imali engu-R300 yomngcwabo.

Uthe ngesikhathi kungcwatshwa ngoMgqibelo, induna uMaluleka iye yaqhamuka ithukuthele igane unwabu yayalela umndeni ukuthi ukhiphe itende, uvale umgodi wethuna bese ubuyisela isidumbu emakhazeni.

Abesifazane abahlanu abebeyingxenye yenkonzo yomngcwabo bazamile ukukhuluma noMaluleka kodwa wenqaba wathi usedelelwe kakhulu futhi sekwanele.

Ngesikhathi kwenzeka lokhu izulu belina ngoMgqibelo, amanye amalungu omphakathi ebencenga induna ukuthi izifake ezicathulweni zomndeni.

Ngesikhathi enqaba, abesifazane abahlanu ebebezongcwaba baye bazinikela ngokuthwala ibhokisi ibanga elingamakhilomitha ayishumi emgwaqeni owubhuqu ukuze bahlangane nemoto yezidumbu ebisivele isukile kulesi sigodi ilibangise eThekwini.

“Lolu bekungolunye lwezinsuku ezibuhlungu kakhulu empilweni yami. Izulu belina kanti nebhokisi bese liqala ukubhodloka ngenxa yemvula enamandla kodwa abanye baye basiza ngopulasitiki ukulimboza,” kusho udadewabo kaRose.

UMaluleka utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umndeni wathenga isiqeshana somhlaba kumzukulu wabo kodwa awuzange ulandele imigudu efanele.

“Ngesikhathi umama walezi zingane eshona bangishayele ucingo befuna ukuzomngcwaba lapha. Ngibatshelile ukuthi ngeke bavele beze lapha ngaphandle kokulandela imigudu efanele yokungcwaba unina. Kumele bakhokhe imali yokukhonza.

“Baye banyamalala. NgoMgqibelo ngiye ngathola ucingo oluvela kumalungu omphakathi abethukuthele eveva ethi kunomngcwabo womndeni angakaze awubone endaweni. Yilapho-ke engifike khona ngiyobheka ngababuza ukuthi kungani bekhethe ukuzongcwaba umama wabo ngaphandle kwemvume yami,” kusho uMaluleka.

Uthe baluleke umndeni ukuthi uthenge ithuna elibiza u-R800 emathuneni ebandla lamaRoma bese ungcwaba khona.

Izihloko zakamuva