Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Ukuphikelela kukaMengameli we-Fifa uGianni Infantino ekuthwebuleni isithombe nebhokisi elivuliwe likaPelé kuyinto yakamuva nje emenze wangathandwa emhlabeni webhola.
Ngemuva kokudlula emhlabeni komdlali odumile webhola wase-Brazil ngoLwesine olwedlule, u-Infantino uye ezweni lase-South America ukuyohlonipha lesi sihlabani.
Futhi konke bekuhamba kahle ngesikhathi u-Infantino ethi uzocela ukuthi wonke amazwe ebhola aqambe inkundla eyodwa ngoPelé.
Nakuba kuzwakala kungenangqondo, bekuwumcabango ozwakalayo. UMengameli we-Fifa ube nomuzwa wokuthi izizukulwane ezizayo kufanele zazi ithonya likaPelé kwezemidlalo.
Kodwa-ke, noma yikuphi ukungconywa kombono omuhle kube yize ngesikhathi kuvaleliswa uPelé okokugcina ngesikhathi u-Infantino ezithwebula isithombe nebhokisi elivuliwe likaPelé.
Uye wazama ukufihla iphutha ngokuthi ucelwe amalungu omndeni kaPelé ukuthi bathwebule isithombe ndawonye. Kodwa-ke, indawo okuthwetshulwe kuyo isithombe ibengeyinhle nhlobo.
“Ngiphatheke kabi ngemuva kokubikelwa ukuthi kukhona abangigxekayo ngokuthwebula izithombe esikhumbuzweni ebesiyizolo (ngoLwesibili).
“Ngithanda ukucacisa ukuthi ngihlonishiwe futhi ngithobekile ukuthi ozakwethu kanye namalungu omndeni kaPelé bangicele ukuthi ngithwebule izithombe ezimbalwa nabo,” kusho u-Infantino esitatimendeni.
Muva nje ubengumuntu ongathandwa emhlabeni webhola ikakhulukazi ngenxa yezenzo zakhe kanye nokuphawula kwakhe ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ye-Fifa ebise-Qatar.
Ngemuva kokushaya indiva izindaba ezimayelana namalungelo abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle kanye namalungelo e-LGBTQ+ e-Qatar, uMengameli we-Fifa wathi uzizwa sengathi “uthandana nobulili obufanayo” kanye ” nokuba umsebenzi ophuma ezweni elingaphandle” ngobusuku bangaphambi komqhudelwano.
Esinye isiphetho esibi esenzeke kulo mqhudelwano, umngani ka-Infantino ongumpheki odumile owaziwa ngelika-“Salt Bae”, wayesenkundleni ngesikhathi semigubho yeqembu lase-Argentina – ephakamisa iNdebe yoMhlaba.
I-Fifa imemezele ukuthi izophenya ukuthi umpheki uyithole kanjani imvume yokungena enkundleni. Ngaleso sikhathi u-Infantino uvele wayeka ukulandela umngani wakhe ku-Instagram.
Esithombeni esingenhla: Isithombe sika-Infantino eseduze kwebhokisi likaPelé
Umthombo wesithombe: AP