Karabo Rammutla
Amathuna kufanele abe ngcwele futhi abe nokuthula – kodwa hhayi e-Kgabalatsane e-Ga-Rankuwa, lapho izigebengu ezintshontshela khona abashonile kanye nabasuke bezobhonga emswaneni.
Amaphoyisa abambe abesilisa abathathu ababanjwe begebenga ithuna emathuneni ase-Kgabalatsane ngoLwesibili ngemuva kokuba izingane zibikele abeqaphe amathuna ngesigameko sobugebengu.
Ngesikhathi umndeni nezihlobo behlonipha ongasekho okokugcina, izigebengu zigqekeza izimoto zabo zebe izinto zabo ezibalulekile.
Uma kungangcwatshwa izigebengu zintshontsha utshwala obusetshenziswa abantu uma bekhuluma namadlozi, imihlobiso namatshe abekwa ethuneni ayinsimbi.
Abasolwa abathathu ababanjwe ngoLwesibili babhekene namacala okucekela phansi ithuna.
Kwengezwe elinye icala lokugwazisa ngesikhathi bezama ukugwazela amaphoyisa ukuze abadedele.
Okhulumela amaphoyisa ase-Pretoria North uKaputeni Augustine Selepe, uthe omunye wabasolwa uyisangoma.
UMnu Melusi Setsiba we-ActionSA uthe ngoMgqibelo babambe umkhankaso wokugqugquzela abantu ukuthi basayine incwadi yezikhalazo yokuthi amaphoyisa agade amathuna ngesikhathi kungcwatshwa.
“Sifuna nokuthi kugadwe amathuna phakathi nesonto uma kungangcwatshwa kodwa sidinga amaphoyisa akwa-SAPS kanye nawakaMasipala wase-Tshwane ukuthi bakhiphe iveni eyodwa namaphoyisa amabili. Iveni lizoma nje lisigade uma sihlola okwenzakalayo,” esho.
Uthe badinga ukuvikelwa ngamaphoyisa ngoba omunye umuntu uye wasatshiswa ngommese ngesikhathi ehlaba umkhosi ngokugqekezwa kwemoto ngesikhathi kungcwatshwa.
“Asazi ukuthi ubani owenza lobu bugebengu. Abanye basola abantu ababhema i-nyaope kanti abanye basola izigebengu eziqhamuka emijondolo eyakhelene namathuna,” esho.
UTryphina Monyebodi uthe imoto yakhe igqekezwe emasontweni amabili edlule emathuneni.
“Kuntshontshwe isikhwama sami ebesinamakhadi asebhange, umazisi namanye amakhadi. Bekuno-R100 kuphela; bekuzoba ngcono ukube bavele bathatha u-R100 bashiya amakhadi ami. Manje sekumele ngehle ngenyuka ngiyokwenza amakhadi amasha,” esho.
Uthe ubethukile ukuthi kukhona umuntu ongagebenga abantu abashonelwe.
“Abantu abaziphethe kahle. Ulibona kanjani ithuba lokwenza imali abantu besosizini?” usho kanje.