Ichilo befanisa uTrump noJesu 

Lubhalwe intatheli ye-Scrolla

Ubani owayengacabanga ukuthi kukhona okuthile uDonald Trump noJesu Kristu abafana ngakho?

UJesu akazange akhokhele iyengandoda imali eshisiwe.

Kodwa iqembu labasekeli balo mlisa obe nguMengameli wokuqala waseMelika ukubhekana namacala obugebengu kuleli sonto amfanise noJesu ikakhulukazi njengoba lokhu kwenzeka phakathi nesonto elingcwele.

UTrump ubhekene namacala angu-34 okuqamba amanga ukuze afihle ukukhokhelwa kweyengandoda uStormy Daniels ayethandana naye.

“Kubukeka sengathi kukhona omunye ohlukunyeziwe ophinde wabethelwa esiphambanweni kuleli sonto,” kufundeka umbhalo okwi-Gab okuyinkundla yezokuxhumana ebizwa “nge-Make America Great Again” (Maga) evame ukusentshenziswa abalandeli bakaTrump .

Umbhalo othunyelwe kwi-Telegram uxwayise ngesiphithiphithi somhlaba esizayo: “Okuhle kuzolwa nokubi. Izikhathi zeBhayibheli. Isikhathi saphezulu.”

Omunye wabasekeli bakaTrump onomsindo omkhulu uMarjorie Taylor Greene uthe “uTrump joyine abantu ababoshwa baphinde bashushiswa ohulumeni abakhohlakele.

“UNelson Mandela waboshwa wavalelwa ejele. UJesu waboshwa wabulawa uhulumeni wamaRoma,” esho.

Inkampani yezobunhloli yabezindaba i-Zignal Labs ithe iziqhathaniso ezifanisa uTrump noJesu ziphakathi kwezindaba ezihamba phambili ku-inthanethi ngamacala obugebengu kuleli sonto.

Abalandeli bakaTrump abathembeke kakhulu amaKristu amhlophe, futhi abaningi nenza sengathi uTrump unguJesu wesibili.

Omunye umfundisi omnyama odumile uMbhishobhi uTalbert Swan uphendule wathi: “Uma nikholwa ngempela ukuthi ufana noJesu yenzani konke okuhambisana naye. Mlengiseni esiphambanweni nibone ukuthi uzovuka yini ngemuva kwezinsuku ezintathu.”

Esithombe esingenhla: Isithombe sikaJon McNaughton sikaTrump ethandaza ngokumelene nomlando wabantu baseMelika.

Umthombo: Twitter

Izihloko zakamuva