Ichilo bebhabhadisa amalungu ebandla ngotshwala

Lubhalwe ngu-Emily Mgidi

Beka amanzi angcwele eceleni ngoba ibandla i-Gabola linohlobo oluhlukile lwensindiso yoketshezi engqondweni – utshwala!

Ibandla i-Gabola liwundabamlonyeni kuleli ngokubhabhadisa abantu ngotshwala obuthandwa amalungu ebandla.

Umsunguli webandla i-Gabola uTsietsi Makiti osezibiza ngoPapa uchaze ukuthi benza konke okwenziwa emabandleni endabuko amaKrestu noma amaKhatholika.

Esikhundleni sokusebenzisa amanzi babhabhadisa amalungu abo ngotshwala. Ilungu ngalinye liletha ibhodlela lotshwala elilithandayo bese umfundisi eyalibusisa. Bathi ngale ndlela bengenza isiqiniseko sokuthi uketshezi ngeke lube nobuthi emizimbeni yabo.

Ngokusho kukaMakiti ibandla i-Gabola lihlose ukusindisa izoni ezithathwa njengezilahliwe emphakathini.

Bakholelwa ekutheni ngokuphuza bayasindiswa futhi bavumela uMoya ongcwele ukuthi ungene ezimpilweni  zabo.

Nakuba abanye bengase bebabize ngezidakwa bayakushalazela ukugxekwa. Bathi baphuzela ukusindiswa.

Amanye amabandla ajwayelekile obuKristu awaphikisani ngokuphelele nokuphuza okusesilinganisweni – ecaphuna indaba kaJesu ngesikhathi eguqula amanzi ewenza iwayini njengesibonelo.

Ngakolunye uhlangothi akuwona wonke umuntu ovumelana nesenzo saleli bandla. Abagxeki bathi i-Gabola ayihlangene nezwi likaNkulunkulu futhi ayilona neze ibandla elisemthethweni.

Umkhandlu wamabandla wakuleli uziqhelelanisile ne-Gabola wanqaba ukuphawula ngalolu daba. Kodwa uMakiti umile kulokho akholelwa kukho njengoba egcizelela ukuthi ukuphuza kwabo kuyindlela yokuthi umoya ongcwele ungene emiphefumulweni yabo.

Enkonzweni yebandla i-Gabola uzobona umfundisi egqoke imvunulo yesintu ethela i-whisky entendeni yesandla egcoba amalungu ebandla ngotshwala.

Izinkonzo ngokwazo zibanjelwa ezindaweni zokucima ukoma okwenza kube nesimo esingajwayelekile lapho amalungu evumeleke khona ukuphuza utshwala ngendlela athanda ngayo.

Omunye wamalungu asanda kubhabhadiswa uNkonzenhle Dlamini uthe yize umndeni wakhe ungamfuni uthola induduzo ebandleni i-Gabola.

“Kuyindawo engakwahluleli lapho ukufundwa kweBhayibheli, izinkuthazo kanye nokusekelwa okungenamibandela kuwuhlelo losuku,” esho.

Uze wagxeka amanye amabandla wathi abefundisi mbumbulu futhi bangabantu abehlulela abanye kakhulu emhlabeni.

Esithombeni esingenhla: Ibandla i-Gabola

Izihloko zakamuva