Buziwe Nocuze
Njengoba intengo yamafutha okupheka iqhubeka nokukhuphuka akumangazi ukuthi abantu bazimisele ukuwantshontsha kodwa uBetty Duli-Mkina ubengacabangi ukuthi kungaba amaphoyisa angamgebenga!
Kuthiwa amalitha ayisithupha amafutha okupheka kaDuli-Mkina untshontshelwe amaphoyisa abesendlini yakhe ezofuna isibhamu. Kodwa amaphoyisa awagcinanga ngokuntshontsha amafutha, kuthiwa amshayile aphinde antshontsha i-laptop kanye nomakhalekhukhwini.
UDuli-Mkina waselokishini lase-Europe eGugulethu, eKapa uthe uthenga ukudla ngobuningi ngoba uphekela abampofu.
NgeSonto ebusuku uzwe amaphoyisa ememeza ethi akavule umnyango.
“Bekuphakathi kwamabili ngesikhathi ngizwa umsindo ngaphandle. Bekungamaphoyisa eze emzini wami ezofuna isibhamu,” esho.
“Amaphoyisa angu-16 apeketule indlu yami ngesikhathi ebheka isikhali athi nginaso endlini yami.”
Uthe babone kugcwele ukudla ekhishini okubalwa namalitha ayisithupha amafutha okupheka.
“Bangibuze ukuthi ngikhona kanjani ukuthenga amafutha okupheka amaningi kangaka ekubeni emba eqolo,” esho.
“Ngibatshelile ukuthi akuwona awami kodwa ngawomphakathi engiwunakekelayo.”
Ngesikhathi bematasa becinga isibhamu ube esecela incwadi yokusesha.
“Kube yiphutha elikhulu lelo. Bangibophe ngozankosi baqala ukungishaya ngesikhathi bengihudula phansi,” esho.
Uthi la maphoyisa abephuma esiteshini samaphoyisa eNyanga.
Ngaphandle kokuhlaselwa abantu obekumele bamvikele, uDuli-Mkina nomndeni wakhe basale behlukumezekile.
“Amaphoyisa abemaningi kakhulu. Indaba yokuntshontshwa kwamafutha okupheka ingimangazile. Ngiyazi ukuthi ayabiza, kodwa ukuthatha into ehloselwe ukusiza izingane eziswele kuyihlazo futhi kukhombisa ukuthi izikhulu aziwuhloniphi umsebenzi wazo,” esho.
Isakhamuzi sithe amaphoyisa ayizigebengu ezigqoke umfaniswano.
“Bayizigebengu eziyingozi ezicashe ngemifaniswano. Bagebenga imiphakathi futhi ababoshwa,” kusho isakhamuzi.
UDuli-Mkina uvule icala lokuntshontsha, elokushaya kanye nelokucekelwa phansi kwempahla esiteshini samaphoyisa eGugulethu ngoMsombuluko.
Amaphoyisa ombutho we-SAPS e-Western Cape awatholakalanga ukuthi aphawule.