Ichilo abaseMlazi betapa kwa-Shoprite

Lubhalwe nguLungani Zungu

Iqulu labantu ababalelwa ku-20 kubikwa ukuthi bazitapele esitoli sakwa-Shoprite Usave eMlazi kwa-H eThekwini.

Kusolwa ukuthi leli qulu lisuke elokishini eligcwele ubugebengu laqonda ngqo esitolo lazitapela ngesikhathi kunombhikisho wokulethwa kwezidingo kubantu.

Kusolwa ukuthi kuntshontshwe amarayisi o-10kg, ofulawa, inyama kanye nezinto zokuhlanza indlu.

Ngokufanayo nezinxushunxushu zokuzitapela ezitolo ezenzeka ngoNtulikazi nyakenye lokhu kushiye abebesebenza esitolo bengenamsebenzi.

Umsebenzi okhethe ukusebenzisa igama lakhe lesibili uPortia ngoba esaba ukuhlaselwa uthe kuyamcasula okwenziwe abantu esitolo sabo.

“Sisenyangeni kaZibandlela futhi bengisanda kuqala ukusebenza khona kusukela ngoNhlolanja, kodwa manje kuzodingeka ngifune omunye umsebenzi. Lokhu kubuhlungu ngoba ithina abahlali bendawo abenza lokhu.”

UPortia ongunina wezingane ezimbili, eneminyaka emine neneminyaka eyisithupha, uthe akazi ukuthi sizophinde sisebenze nini isitolo.

Ngesikhathi lesi sitolo sivulwa eminyakeni eyisishiyagalombili eyedlule saletha ukukhululeka okukhulu kwizakhamuzi zaseMlazi kwa-H futhi sabasiza ekuhambeni amabanga amade beya edolobheni eliqhele ngamakhilomitha angu-36.

Akwaziwa ukuthi izigebengu ziyintshontshile yini nemali njengoba umthengisi engatholakalanga ukuze aphawule.

Omunye umsebenzi ongathandanga ukudalulwa igama uthe: “Impilo yami isingene ehlazweni futhi angazi ukuthi ngizowondla kanjani umndeni wami kulesi sikhathi samaholide.”

Umholi womphakathi wendawo uMnu Smiso Mkhize uthe akukhona okokuqala kuqolwa isitolo.

“Ngicabanga ukuthi sekungokwesithathu manje selokhu savulwa cishe eminyakeni eyisishiyagalombili edlule.”

UMkhize unxuse umphakathi ukuthi ubike abantu abenze lokhu uma bebazi emphakathini.

“Asikwazi ukuhlala nezigebengu esezibeka engcupheni impilo yabantu abasebenza esitolo,” kusho uMkhize.

Isithombe esingenhla esesitolo sakwa-Shoprite eMlazi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva