Lubhalwe nguMichael Madyira
Iqembu lase-Zimbabwe i-Chicken Inn FC selidalule ukuthi iKaizer Chiefs ebinovalo yasikhokha kanjani isikweletu sokudayisa umdlali wasemuva uTeenage Hadebe e-Turkey.
IChiefs ibikweleta i-Chicken Inn cishe u-R400 000 ngemuva kokudayisa uHadebe kwi-Yeni Malatyaspor edlala kuligi yase-Turkey ngo-2019.
Leli qembu elingompetha base-Zimbabwe labe selibika iChiefs enhlanganweni eyengamele ibhola emhlabeni i-Fifa.
Ngesikhathi iyalela leli qembu lase-Soweto ukuthi likhokhele i-Chicken Inn ngoLwezi nyakenye, i-Fifa yasabisa iChiefs ngokuyivimbila ukudayisa ngabadlali amawindi amathathu elandelana.
Njengoba ike yabekezelela ukuvinjelwa izikhathi ezimbili zokuhwebelana ngabadlali phakathi kuka-2020 no-2021 ngesikhathi sokusayiniswa ngokungemthetho kuka-Andriamirado “Dax” Andrianarimanana ngo-2018, iChiefs yakhokhela i-Chicken Inn ngokushesha.
“Isikweletu sakhokhwa kungakapheli amahora ambalwa iChiefs ithole umyalelo we-Fifa nyakenye,” kusho unobhala-jikelele we-Chicken Inn uTavengwa Hara etshela i-Scrolla.Africa.
“Ngaziswa ukuthi sebelungise konke futhi i-Fifa yabikelwa.”
Yize eminye imibiko iveza ukuthi iChiefs ayizange isifeze lesi sigaba sokudayisa ngokuphikisana ngokuthi uHadebe waya e-Turkey mahhala, iqembu liwachithile la mahemuhemu.
UHara uphinde wathi baxabena neChiefs ngemali yokudayisa umdlali futhi isimo saba sibi ngesikhathi i-Yeni Malatyaspor ithatha isikhathi eside ukukhokhela iChiefs.
IChiefs nayo kwadingeka ukuthi ibike leli qembu lase-Turkey kwi-Fifa ukuze ithole imali yayo.
“Kwaba nokungaqondi kahle kwezibalo phakathi kwethu neChiefs – nokubambezeleka kweqembu lase-Turkey ukubakhokhela okwabenza babika kwi-Fifa,” kusho uHara.
Ngale kwaloludaba, i-Chicken Inn ithe ngeke iyeke ukusebenzisana neChiefs.
“Bayiqembu elikhokhelwayo okumele ngibhekane nalo. Sihlabeke umxhwele ngendlela abalusingatha ngayo lolu daba,” kusho uHara.
La maqembu amabili anomlando wokushintshana ngabadlali.
Ngo-2016 i-Chicken Inn yadayisela iChiefs u-Edmore Chirambadare noMitchelle Katsvairo .
Ngesikhathi uChirambadare noKatsvairo bengenzi kahle e-Naturena, uHadebe wangenelela wasiza futhi wachitha amasizini amabili neChiefs ngaphambi kokuthi ayodlalela i-Yeni Malatyaspor.
Lo mdlali odlala maphakathi emuva usedlala kwiligi enkulu kwi-Houston Dynamo FC ngemuva kwamasizini amabili e-Turkey.
Esithombeni esingenhla: UTeenage Hadebe egqoke ijezi leKaizer Chiefs
Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs