IChiefs nethemba lokubuya namaphuzu amathathu eRichards Bay 

Lubhalwe nguMichael Madyira

IKaizer Chiefs inethemba lokuthi ukuhlula kwayo i-Orlando Pirates kowe-Soweto Derby ngempelasonto edlule kuzoba noshintsho kule sizini ebinzima kakhulu kuyo.

IChiefs ihlule iPirates ngo 1-0 enkundleni yezemidlalo i-FNB yehlisa ingcindezi yesimo esinzima ebesisongela ukuphazamisa umkhankaso wayo wokuhlungela i-CAF Champions League.

Ngesikhathi beya emdlalweni wabo nePirates, umqeqeshi weChiefs u-Arthur Zwane nezakhe bebebhekene nokugxekwa okubuhlungu ngokudlala ngendlela engagculisi.

Kodwa bakwazile ukushaya izimbangi zabo okuwumphumela abathemba ukuthi uzobakhuthaza emidlalweni yabo eyisishiyagalolunye esele ye-Premier Soccer League kanjalo neye-Nedbank Cup.

Manje balungiselela uhambo lwangoMgqibelo oluya e-Richards Bay njengoba bebheke ukuqhubeka lapho abagcine khona emdlalweni wabo nePirates.

“Siyazethemba njengoba siya kulo mdlalo,” kusho umdlali wasemuva u-Edmilson Dove obengumdlali ovelele emdlalweni wabo nePirates.

“Besizilolonga kanzima. Ekuqeqesheni kugxilwa kakhulu kulokho esingathuthukisa kukho nokuthi singazigcina kanjani izinto ebesizenza kahle. Sizozama ngazo zonke izindlela ukubuya namaphuzu amathathu.

“Umdlalo webhola futhi kungenzeka noma yini, kodwa sizoya lapho senze konke okusenkundleni futhi siyethemba ukuthi sizobuyela eGoli nalawo maphuzu.”

Yize ihlule iPirates, iChiefs ayizange idlulele phambili ihlezi endaweni yesihlanu.

Inamaphuzu amahlanu ngaphansi kweSuperSport United esendaweni yesibili kanti manje ibambene ngamaphuzu angu-31 nePirates esendaweni yesithathu kanye neNatal Rich Boyz abazodlala nayo ngoMgqibelo.

Ukuze izibekisele indawo kwi-Champions League ngesizini ezayo, iChiefs kumele isuse iSuperSport endaweni yesibili.

Nakuba ukuhlula kwabo iPirates kuqhamuke ngendlela engagculisi kodwa kubuyise izifiso zeChiefs ze-CAF Champions League.

“Sihlose ukuhlungela i-Champions League. Kudingeka ukuthi siqhubeke kuze kube sekupheleni. Isikhundla okufanele sisilwele futhi ngicabanga ukuthi singakwenza lokho,” kusho uDove.

Izimbangi zeChiefs, iRichards Bay azikawini emidlalweni emihlanu yokugcina yeligi, kanti idlale ngokulingana emidlalweni emibili yahlulwa kwemithathu.

Esithombeni esingenhla: Abadlali beKaizer Chiefs 

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva