IChiefs nengcindezi yokunqoba ibhekene neSekhukhune

Lubhalwe nguMichael Madyira

IKaizer Chiefs izozama ukugwema ihlazo lokuhlulwa iSekhukhune United namhlanje uma isigubha iminyaka engu-53 yasungulwa.

Leli qembu lasungulwa mhla ziyisikhombisa kuMasingana ngo-1970 kanti umdlalo ozoba namhlanje enkundleni yezemidlalo i-FNB ungomunye abangeke bakwazi ukuhlulwa kuwo ngosuku olubaluleke kangaka.

Kodwa kumasizini adlule, iChiefs izakhele igama elibi ngokumosha imidlalo yayo ebalulekile.

Ngesizini ka-2019/20 ngesikhathi begubha i-golden jubilee babedlala kahle kakhulu kwi-Premier Soccer League, kodwa bawa ngendlela emangalisayo ngosuku lokugcina lomqhudelwano.

Leli qembu lase-Soweto lehluleka ukushaya amagoli lavumela iSundowns ukuthi ihlwithe isicoco se-PSL kusasele imizuzu embalwa ukuthi liqokwe njengompetha.

Lokho konakalisa isikhumbuzo sabo seminyaka eyingqopha-mlando, kodwa bazimisele ukukulungisa kulokhu. Umqeqeshi u-Arthur Zwane ugcizelele isidingo sokuwina umdlalo wanamhlanje. “njengesipho” kumsunguli weqembu uKaizer Motaung.

“Lona umdlalo owodwa okusobala ukuthi uzosho lukhulu kimina, kubadlali, kusihlalo, kubasekeli nakwabanye. Yingakho kubalulekile ukuthi sinikeze usihlalo nokhokho bethu isipho futhi lokho okukhona ngeke kube lutho ngaphandle kwamaphuzu amathathu,” kusho uZwane esithangamini nabezindaba ngaphambi komdlalo.

Kodwa ekuqaleni kwale sizini ngaphambi kosuku lokubungaza usuku lokuzalwa likaMotaung eqeda iminyaka engu-78 ngomhlaka-16 kuMfumfu, bahlulwa iChippa United ngo 2-1 ngaphambi kokudlala ngokulingana ngo 2-2 neTS Galaxy eyadonsa kanzima ezinsukwini ezine kamuva.

Manje sebebhekene neSekhukhune United evutha ingabaselwe ehlule iMarumo Gallants ngoLwesibili esidlale imidlalo emine ingawini.

Umgadli weChiefs uKeagan Dolly uyazi ukuthi yini namhlanje.

“Usuku lokuzalwa leqembu ngakho lukhulu kithina; hhayi nje kubadlali nethimba labaqeqeshi kodwa nakubo bonke abalandeli,” kusho uDolly esithangamini nabezindaba.

“Siwulungiselela kahle  lo umdlalo futhi sizozama ngakho konke okusemandleni ukuwina ekhaya. Asifuni ukunikeza noma yiliphi iqembu ithuba  enkundleni yezemidlalo i-FNB. Sifuna ukuwina. Lokho kuyinhloso yethu.”

Umdlali wasemuva weChiefs uZitha Kwinika naye uyazi ngokubaluleka komdlalo wabo bebhekene neSekhukhune.

“Siyazi ukuthi umdlalo usho ukuthini futhi ukuwuwina kuzosho lukhulu,” esho.

“Akusikho okwethu kuphela kodwa sizokwenzela nabantu abazobe bekhona e-FNB bezogubha nathi usuku lweqembu lokuzalwa ngalolu suku.”

Njengoba isiwine imidlalo yayo emibili yeligi, iChiefs izakhele umfutho engathanda ukuwugcina.

Esithombeni esingenhla: IKaizer Chiefs

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva