IChiefs neGalaxy bahlukaniselane amaphuzu 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane ubhekene nokuningi okumele akuxazulule ngemuva kokubona ezakhe zihluleka ukuhlula iTS Galaxy okuphethe ngokuthi umdlalo uphele bentanganye enkundleni yaseMbombela ngeSonto.

I-Galaxy idlale imizuzu engu-34 yokugcina emdlalweni we-Premier Soccer League inomdlali oyedwa ophumile kulandela ukuphuma kwekhadi elibomvu kumdlali wasemuva uMarks Munyai, lo mdlalo uphele kungekho oshaye igoli njengoba leli qembu selinemidlalo engu-11 ephele ngokulingana kulo mkhankaso.

IChiefs ayikwazanga ukusebenzisa ithuba lokuthi izimbangi zabo bezidlala ngabadlali abangaphelele kanti iGalaxy ikhombise ukulawula umdlalo ngesiwombe sesibili.

IChiefs iphuthwe ithuba elihle kakhulu njengoba ihlezi endaweni yesihlanu futhi lokhu bekuzosiza ukukhulisa umkhankaso wayo wokudlala e-Afrika ngesizini ezayo ngokukhipha izimbangi zaseSoweto i-Orlando Pirates endaweni yesine kwilogi.

Amakhosi azame amathuba angaphumelelanga kwizimbangi zabo ezihamba phambili ngamaphuzu amahlanu kuphela kwiMarumo Gallants.

Abasingathi bomdlalo bebedlala umdlalo wabo wesithathu weligi ekhaya kanti umqeqeshi uSead Ramovic usaqhubeka nokugqugquzela abadlali bakhe ngemuva kokushawa iGolden Arrows ngamagoli amane eqandeni ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule.

Amakhosi iwona acishe athola ithula lokuqala ngesikhathi unozinti weGalaxy, uVasilije Kolak evimba ibhola likaKeagan Dolly ngomzuzu ka-11 kuqale umdlalo.

UDolly ube esededela u-Ashley du Preez oshaye eceleni kanti noKolak ubezohluleka ukulivimba. UKolak uphinde wavimba ibhola elihle likaSifiso Hlanti ngesikhathi sekuzoyiwa ekhefini. 

IChiefs iphinde yathola amathuba ngesikhathi uMunyai ekhishwa ngemuva kwemizuzu eyishumi kubuyiwe ekhefini.

Lo mdlali wasemuva oluke ama-dreadlocked ujeziswe ngokuhlasela okuyingozi okulimaze umdlalo uBonfils-Caleb Bimenyimana, indawo yakhe yathathwa uChristian Saile Basomboli.

Umgadli wase-Ivory Coast, uDjakaridja Traore ucishe wajezisa iChiefs kodwa wavinjwa u-Edmilson Dove ngesikhathi esondela eshaya ibhola eduze kukaBrandon Petersen emapalini e Chiefs.

Ngesikhathi sekusele imizuzu engu-18  uSiyethemba Sithebe uthole ithuba kodwa lamhlula.

Izinkunzi zaseSoweto beziwuphethe umdlalo,  kodwa zahluleka ukunqoba.

Isithombe esingenhla: UDolly weChiefs ebhekene noSphiwe Mahlangu weGalaxy

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva