Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umdlali wasemuva we-Chiefs, u-Inacio Miguel, uthi iqembu kumele livuke uma selibhekene naMaZulu ngoLwesibili.
Kulo mdlalo i-Chiefs izobhekana nomqeqeshi wayo u-Arthur Zwane osehola AmaZulu noPablo Franco.
Umdlali wasemuva we-Kaizer Chiefs, u-Inacio Miguel, uthi iqembu lakhe kumele lishaye into ecokeme ngemuva kokuhlulwa yi-Orlando Pirates.
I-Chiefs izobhekana naMaZulu enkundleni yeFNB ngoLwesibili ebusuku. Lo mdlalo uza ngemuva kwezinsuku ezimbalwa i-Pirate ishaye i-Chiefs ngo 1-0 ngephenalthi yomzuzu wokugcina kweyomkhaya yaseSoweto.
“Kumele sibe nomndlandla omkhulu kunalowo ebesinawo kwi-derby,” kusho uMiguel, kubika iCitizen.
“Ngemuva kokuhlulwa akekho okhathele, sifuna ukushintsha isithombe esisishiye emdlalweni odlule.
“Umdlalo lo esifuna ukuwunqoba, akukhathalekile ukuthi owe-derby noma owenkomishi, ngemuva kokuhlulwa kolandelayo kumele sinqobe ukuze sihlale siseduze esicongweni seligi.”
Kulo mdlalo iChiefs izobhekana nomqeqeshi wayo u-Arthur Zwane osehola AmaZulu noPablo Franco.
“Ngizwe (ngo-Arthur Zwane) ngoba uZwane (Samkelo) ungumshana ka-Arthur Zwane,” kusho uMiguel okwisizini yakhe yokuqala eNingizimu Afrika.
“Kufanele simhloniphe. Liningi ulwazi alifundisile ngesikhathi i-Chiefs iku-DDC (Diski Challenge). Ngakho-ke kufanele sikulungele.”
UMiguel udlale umdlalo wakhe wokuqala we-Soweto derby ngoMgqibelo futhi nakuba ehluliwe, umangele ngesipiliyoni.
“Bekuwusuku olumangalisayo kimi lokuzizwa ngiko womkhaya wangempela yase-Afrika. Kimina ingowomkhaya enkulu kunazo zonke,” kusho uMiguel.
“Ngeshwa asikwazanga ukuthola ukunqoba. Kodwa njenge yomkhaya yami yokuqala, bengijabulile futhi ngazama ukunikela ngakho konke okusemandleni ukusiza iqembu. Ekuqaleni (komdlalo) ngangijabule kakhulu. Futhi-ke, ekugcineni. Ngiphoxekile.”
Esithombeni esingenhla: U-Inacio Miguel uthi iChiefs kumele ibhukule kuMaZulu.
Umthombo: