Lubhalwe nguMichael Madyira
IKaizer Chiefs inethuba lokugcina lokuqeda isizini ngokuwina indebe njengoba iqala umqhudelwano wayo we-Nedbank Cup ngohambo lwanamhlanje lokuyodlala neMaritzburg United.
Leli qembu lase-Soweto lizotholana phezulu neqembu elizikhethele lona kulo mzuliswano wesi-32 enkundleni yezemidlalo iHarry Gwala njengoba lifuna ukudlulela kowamanqamu.
Njengoba isicoco se-Premier Soccer League sibukeka sikude kakhulu nabo, i-Nedbank Cup iyona kuphela indebe abangayithola kule sizini.
Uma yehluleka ukuwina emqhudelwaneni wakuleli womkhumulajezi kuzokwenza ukuthi leli qembu liqede isizini lilambatha futhi lizolula umlando walo wokungatholi sicoco amasizini ayisishiyagalombili elandelana.
Kuphinde kube ithuba lokuthi umqeqeshi u-Arthur Zwane avale umlomo abamgxekayo kulandela isizini enesiphithiphithi esihambisana nokungahlangani.
“Uma kukhulunywa ngeNdebe sifuna ukuwina yonke imidlalo,” kusho uZwane kwabezindaba.
“Asikhethi umdlalo esizowuwina. Noma ngabe imidlalo yeNdebe noma yeligi sifuna ukuya kowamanqamu futhi siyiwine ngoba lokho kubaluleke kakhulu kithina njengeqembu.
“Abadlali bayazi ukuthi yini esiyiphokophelele ngakho siya lapho sinento eyodwa emqondweni: ukujula nokuqinisekisa ukuthi sidlulela phambili.”
Kuyathakazelisa ukuthi iChiefs yilona qembu eliphumelele kakhulu kulo mqhudelwano njengoba linezicoco ezingu-13 noma lagcina ukuwina
eminyakeni eyishumi edlule.
Selokhu yaba ngompetha be-PSL ngo-2014/15 iChiefs ayikaze iyiwine indondo yesiliva.
Manje sebebhekene neMaritzburg eyiqili kanti futhi uZwane uyayazi into ebalindile.
“Bayiqembu elidlala kahle [iMaritzburg],” kusho uZwane.
“Badlale kahle kakhulu emdlalweni wabo wokugcina… NgoLwesihlanu kuzoba umdlalo webhola ohluke ngokuphelele ngenxa yendlela ehlukile yokwenza futhi umqeqeshi wabo ungusomaqhinga owaziwayo.”
Njengoba bekulindelekile umdlalo oshubile usubonakale kulo mqhudelwano we-Nedbank Cup.
NgoLwesithathu iSuperSport United ebingompetha amahlandla amahlanu ikhishwe iqembu elisesigabeni sesithathu nese-semi-professional i-Dondol FC.
Esithombeni esingenhla: IKaizer Chiefs
Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs