Menzi Magubane
IKaizer Chiefs izobe ifuna ukuzihlenga uma isihambela e-Polokwane ukuyodlala neTshakhuma Tsha Madzivhandila ngoLwesibili ntambama.
Amakhosi ahluleke ukuhola ngo 2-0 badlala ngokulingana ngo 2-2 neBloemfontein Celtic ngoMgqibelo.
Sonke besilindele ukuthi umqeqeshi wabo uGavin Hunt, acasukele abadlali bakhe ngomphumela kodwa akazange wavele wabancoma ngemizamo yabo.
“Sidlale kahle kakhulu, futhi besinomdlalo omuhle kanti sadlala kahle nangoLwesithathu ngesikhathi sihlulwe ngo 1-0 yiChippa United. Kepha into enzima eqenjini ukuvikela. Futhi ngihlala ngisho ukuthi ngeke uzuze lutho ngaphandle kokuvikela kahle,” kuchaza uHunt.
Ngesikhathi bebhekene neCeltic, uHunt uphoqeleke ukushintsha kathathu abadlali bakhe ngenxa yokulimala. Umdlali wasemuva u-Eric “Tower” Mathoho, unozinti uDaniel Akpeyi kanye nomdlali wasesiswini uHappy Mashiane abakwazanga ukuqeda umdlalo futhi kudingeke ukuthi bahoxiswe.
“Besilokhu siphoqeleke ukwenza izinguquko isizini yonke futhi lokho kuyaphazamisa kancane. Umdlali wokuqala ukuthi ashintshwe kube ngunozinti uDaniel, oshayeke kakhulu ekhanda futhi kusobala ukuthi unenkinga. Kwathi noMbhoshongo walimala emsipheni wagcina engakwazanga ukuqhubeka ngemuva kwemizuzu engama-30.
“UMashiane ukhahlelwe kabi eqakaleni lakhe futhi ubebukeka sengathi udinga ukuphuma. Ngakho-ke lezo yizinguquko ezintathu ebeziphoqa ukuba zenzeke. Kodwa ngiyaziqhenya ngabadlali, banginika konke kanti futhi ingxenye ebaluleke kakhulu leyo.”
Lo mdlali oneminyaka engama-56, namanje ubona sengathi iqembu lakhe bekufanele liwunqobe lo mdlalo
“Bengicabanga ukuthi sinamathuba angcono, namaningi ukunqoba umdlalo. Kodwa futhi, ngeke uze uzuze amagoli amabili bese ugcina ngokudlala umdlalo ngokulingana. Kufanele ngabe sivikela kangcono.”
IChiefs isale ngamaphuzu amathathu kwabayisishiyagalombili abahamba phambili kanti ukunqoba ibhekene neTshakhuma esongelwa yizembe kungayibona ibuyela endaweni yesishiyagalombili. Ngakolunye uhlangothi iTshakhuma isenkingeni futhi idinga amaphuzu aphezulu ukuze bagweme ukwehliselwa ezansi kwetafula.
Basendaweni ye-15 futhi bangahle bafune amathuba abo uma sebebhekene neChiefs. Lo mdlalo uzodlalelwa ePeter Mokaba Stadium e-Polokwane ngehora le-5 ntambama.
Umthombo wesithombe: @kickoff