Menzi Magubane
Ngokusho kukasihlalo ongumnikazi weqembu uKaizer Motaung, iqembu elikhulu le-Chiefs selilahlekelwe wubunjalo bebhola namasiko alo.
Ememezela ngoMsombuluko ukuthi owayengumqeqeshi weBafana Bafana uMolefi Ntseki uzoba yinhloko yezobuchwepheshe nentuthuko, uthe uNtseki unamava adingekayo.
“Sibone kunesidingo sokuthi silethe umuntu osesimweni sakhe ukuze agcine isiko lethu nefilosofi yethu yebhola,” kusho uMotaung.
“Ngeqembu elikhona manje, uyabona ukuthi silahlekelwe okuthile. Lokhu kuza ngemuva kokuvumela abaqeqeshi ukuthi bashintshe izinto obekungeyona indlela ye-Kaizer Chiefs.”
Uthe uNtseki kumele amukele isiko nefilosofi yekilabhu.
“Kumele kube nokufana ngendlela amaqembu amancane namakhulu adlala ngayo,” esho.
UMotaung uthe uNtseki ngeke aqokwe njengephini lomqeqeshi uStuart Baxter okunamahlebezi okuthi usendleleni eya ku-Chiefs.
“Kubalulekile ukuthi sincintisane nabadlali abasezingeni eliphezulu e-Afrika nasemhlabeni ngoba ngicabanga ukuthi sinazo izinsiza zokwenza lokho,” kusho uMotaung.
“Umlando ucebile futhi udinga ukwengeza eminye ngoba ibhola seliphezulu kakhulu.”
UNtseki uxoshwe ngoNdasa ngemuva kokwehluleka ukuhola iqembu lesizwe kwi-CAF Africa Cup of Nations yowezi-2022.
UNtseki uzosebenzisana kakhulu nethimba lobuchwepheshe laMakhosi, kufaka phakathi umnyango wezokuhlola kanye nezinhlaka zentsha yeqembu.
Umthombo wesithombe: @kaizerchiefs