IChiefs iphika awokuvinjelwa ngokuhwebelana ngabadlali 

Iqembu lase-Soweto iKaizer Chiefs liyiphikile imibiko yokuthi isabhekene nesinye futhi isijeziso sokusayinisa abadlali ngemuva kokusayinisa uTeenage Hadebe.

IChiefs iyiphikile imibiko evela e-Zimbabwe yokuthi leli qembu lizobhekana necala lokudayisa uHadebe kwi-Yeni Malatyaspor yase-Turkey.

IChiefs yasayinisa lo mdlali wase-Zimbabwe ngo-2017 lapho ahlala khona iminyaka emibili kuphela ngaphambi kokuthi aye eYurophu.

Lo mdlali (27) usedlulele kwiHouston Dynamo eMelika kodwa-ke, yize ashiya iChiefs cishe eminyakeni emithathu edlule ukuhamba kukaHadebe kungase kudale izinkinga.

Iqembu likaHadebe lase-Zimbabwe, i-Chicken Inn lithi linesigatshana enkontilekeni esikhombisa ukuthi kumele lihlomule ngokwezimali ngokudayiswa kwakhe iChiefs.

Kuthiwa i-Fifa iyalele iChiefs ukuthi ikhokhele i-Chicken Inn imali engaphezu kuka-R350 000, kubika iphephandaba lase-Zimbabwe i-Sunday World.

Ngemuva kwalo mbiko iChiefs ingene ekhasini layo le-Twitter yaziphika lezi zinsolo.

“Eminye imibiko yezindaba ithi: “Ekuqaleni, izinkomba zikhomba ukuthi uHadebe wajoyina iqembu laseTurkey njengomdlali okhululekile. Kodwa-ke, kuvele ukuthi iqembu eliqeqeshwa u-Arthur Zwane lamdayisa ngempela yize imali ingakadalulwa.”

“Iqembu lingathanda ukuyichitha imibiko njengenamaphutha nedukisayo. IKaizer Chiefs izifeze zonke izibopho ngokudayiswa kukaHadebe,” kusho isitatimende seqembu.

Kodwa-ke, iChiefs yake yazithola ibandakanyeka esigamekweni sokudayiselana ngabadlali phambilini. NgoZibandlela ngo-2018 leli qembu latholakala linecala mayelana nokudluliswa kuka-Andriamirado “Dax” Andrianarimanana.

I-Fifa yajezisa iChiefs ngokuvimbela leli qembu ukuhwebelana ngabadlali iminyaka emibili.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: UTeenage Hadebe

Umthombo wesithombe: Goal

Izihloko zakamuva