Lubhalwe nguMichael Madyira
IKaizer Chiefs ihlule iMoroka Swallows ngo 1-0 komunye umdlalo we-Premier Soccer League we-Soweto Derby enkundleni yezemidlalo i-Dobsonville ngeSonto.
UChristian Saile Basomboli ushaye igoli elibaluleke kakhulu ngomzuzu ka-82 ntambama kanti iChiefs ibibukeka ingathembisi.
Kodwa-ke, bekujabulisa ngemuva kokuphoxeka ngesikhathi behlulwa i-Orlando Pirates ngo 1-0 kowe-Big Soweto Derby ngaphambi kwekhefu lemidlalo ye-Fifa.
Okubalulekile kuChiefs ukuthi inyukele phezulu ku-Premier Soccer League ngemuva kokuqoqa amaphuzu aphezulu ngeSonto yasuka endaweni yesi-11 yaya endaweni yesithupha.
ISwallows ihlezi endaweni yesihlanu ku-log.
Umqeqeshi weChiefs uCavin Johnson ukhiphe ukaputeni weqembu u-Itumeleng Khune ngenxa yemibiko yokuziphatha kwakhe.
Lokho kuvulele uBruce Bvuma indlela yokuthi abonakale okokuqala kule sizini ngaphambi kukaBrandon Petersen onamaphutha amaningi adlisa iqembu.
UPule Mmodi ubebuyile ezoqala umdlalo ngesikhathi u-Edson Castillo engena esuka ebhentshini ngemuva kokuthi umdlali wasemuva uThatayaone Ditlhokwe alimele.
KuSwallows, kuqale abadlali abajwayelekile abafana no-Andile Jali kanjalo nabadlali abaphambili uGabadinho Mhango, uTshegofatso Mabasa kanye noNtsako Makhubela.
Kuwona womabili la maqembu alikho elisongele elinye kodwa uBvuma udlale ngendlela emangalisayo ngesikhathi ehlenga ibhola likaMhango ngomzuzu ka-27.
UMhango noLindokuhle Mtshali benze eminye imizamo kwiSwallows kodwa bageja.
Kuthe sekusele imizuzu emithathu kuyiwe ekhefini, uSibongiseni Mthethwa ukhahlele ibhola ebeligobile lisuka maphakathi nenkundla ezama ukushaya unozinti we-Swallows, uDaniel Akpeyi obekude kakhulu.
Lokho kushiye uSaile ethukuthele egane unwabu njengoba ebezizwa sengathi usendaweni enhle yokushaya igoli.
Izimbangi zase-Soweto ziqhubekile nokwenza umehluko kanti uMmodi uthole ishodi elincane elikhishwe eceleni kwepali uKeenan Phillips sekuyophela umdlalo.
Inkundla yezemidlalo i-Dobsonville iphinde yavungazela ngesikhathi uSaile enikeza uYusuf Maart ibhola kanti kubonakale sengathi umdlalo usuzophela ngokulingana.
Abadlali beSwallows bavumele uSaile ukuthi ashaye igoli lakhe lesithathu leligi kule sizini njengoba iChiefs ingenzi kahle.
Esithombeni esingenhla: Abadlali basemuva beKaizer Chiefs u-Edmilson Dove noReeve Frosler bezama ukuvimba umgadli weMoroka Swallows uGabadinho Mhango
Umthombo wesithombe: Moroka Swallows