IChiefs inikele ngamaphuzu kuTshakhuma edonsa kanzima

Menzi Magubane

IKaizer Chiefs iyaqhubeka nokunikela ngosizo lwamaphuzu kubadlali ababhekene nokwehliselwa ezansi kwetafula.

NgoLwesibili ntambama, Amakhosi ahlulwe ngo 2-1 yiTshakhuma Tsha Madzivhandila kowe-DStv Premiership ePeter Mokaba Stadium e-Polokwane.

Emasontweni amabili edlule, bahlulwe ngegoli elilodwa yiChippa United, eyayisendaweni yesibili ukusuka phansi etafuleni leligi.

Ngaphambi komdlalo wangoLwesibili, iTshakhuma nayo ibisendaweni efanayo, ukunqoba kuyenze yanyukela endaweni yeshumi nane.

ITshakhuma ibiwadinga kakhulu amaphuzu aphezulu ukugwema ukwehliselwa ezansi, futhi bakukhombise lokho ngokuphuthuma ngesikhathi behola phambili kusasele imizuzu emithathu ngaphambi kwekhefu.

Owayengumdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uThabo Rakhale, ushaye igoli elenze iqembu lasekhaya lihole umdlalo. Kodwa ngaphambi kwegoli likaRakhale, iChiefs isale nabadlali abayishumi ngesikhathi umdlali wasesiswini uNjabulo Blom ekhishwa ngekhadi elibomvu.

UBlom uthathe imizuzu engama-38 kuphela enkundleni ngaphambi kokukhonjiswa ikhadi lesibili eliphuzi lomdlalo. Ukukhishwa kwekhadi kubonakala sengathi kuliqedile iqembu lasekhaya kodwa ekugcineni bakwazile ukuthola igoli lokubika ngaphambi kwekhefu.

UGavin Hunt uphoqeleke ukuthi afake abadlali bangemuva abazomela uDaniel Cardoso kanye no-Eric “Tower” Mathoho abajwayele ukudlala, ngenxa yokumiswa kanye nokulimala ngokulandelana.

Esiwombeni sesibili, Amakhosi abambe phansi iTshakhuma, okuyindlela yomdlalo ebaklonyelise ithuba ngomzuzu wama-65. USamir Nurkovic udlaliswe kabi ngu-Ayanda Nkili ngaphakathi ebhokisini kanti unompempe ube eseshaya impempe yakhe ebeka iphenalthi.

ULebohang Manyama uyena oshaye iphenalthi kodwa wayivimba unozinti uWashington Arubi. Ngenhlanhla kaManyama, ibhola likhahlelwe emuva langena endleleni yakhe wakwazi ukuthola ukubuyela emuva nokulinganisa igoli nezivakashi.

Ngemizuzu yokugcina yomdlalo, umdlali wasemuva weChiefs uSiyabonga Ngezana udale iphenalthi ngemuva kokuthinta ibhola ngesandla ngomzuzu wama-96. UThabo Mnyamane ushaye igoli elinikeze iTshakhuma ukunqoba okudumile.

Ukuhlulwa kushiye iChiefs isengozini enkulu yokuphuthelwa ukuba yingxenye yamaqembu ayisishiyagalombili ehamba phambili njengoba sekusele imidlalo emine yesizini. Bahleli endaweni yesishiyagalolunye kodwa bangahle baye endaweni ye-11 ngemuva kwemidlalo yangoLwesithathu.

Umthombo wesithombe: @OfficialCSA

Izihloko zakamuva