Lubhalwe nguMichael Madyira
IKaizer Chiefs edonsa kanzima ilungiselela umdlalo we-Premier Soccer League ongase uxazulule izinkinga zayo uma isibhekene neRoyal AM e-Polokwane ngeSonto.
Kula masizini amabili idlala ibhola le-PSL, iRoyal AM isibhaxabule iChiefs okuyizinkunzi zase-Soweto emidlalweni emithathu njengoba la maqembu womabili aseke ahlangana.
Njengoba leli qembu selihlulwe imidlalo emithathu, kubonakala kungesona isikhathi esihle sokubhekana nelinye ihlazo futhi.
“Asifuni nakancane ukuhlulwa komunye umdlalo futhi asifuni ukwakha lento ize ibe uchungechunge,” kusho umqeqeshi u-Arthur Zwane kwabezindaba.
“Sizozama ukukhuphula amasokisi futhi kufanele siqhubeke nokusiza abadlali ukuthi bangalahlekelwa umqondo uma besenkundleni. Hhayi ukuthi abenzi kahle, kodwa sinebhadi lokuthi abawashayi amagoli.”
Selokhu i-PSL ibuyile ngemuva kwekhefu leNdebe yoMhlaba ka-2022, uZwane usethembele kakhulu kubadlali abasebancane abeze ngezinhlaka zabo zokuthuthuka.
Kubalwa uMduduzi Shabalala, uSamkelo Zwane noWandile Duba. Kodwa ukudlala kwabo kwehlile.
Lokhu kanye nengcindezi yokuhlulwa kwenze uZwane washintsha umqondo waphendukela kubadlali abadala abebagaqele ekuqaleni kwesizini.
Kodwa abadlali abanamava abafana nomdlali wasemuva u-Erick Mathoho, uPhathutshedzo Nange no-Alexander Cole sebebhekene nezinkinga zokungaqini ngokwanele.
“Nakanjani u-Erick useyingxenye yethu. Nangesonto eledlule besimlungiselela umdlalo njengoba besibhekene neSundowns, kodwa emasontweni amabili edlule uma ngingaphosisi akakwazanga ukuphumelela ngenxa yokulimala,” kusho uZwane.
“Besicabanga ukuthi uzolulama ngokugcwele ngesonto eledlule. Uqale ukujima ezilungiselela sonke sacabanga ukuthi usekulungele ukudlala, kodwa akakakulungeli neze.
“Bekufanele aphumule futhi kuze kube manje akakalulami ngokugcwele.”
Ukungabi khona kukaMathoho kuza njengoba Amakhosi ebhekene nezinkinga ezinkulu enkundleni, lapho u-Edmilson Dove eke waba namaphutha emidlalweni yakamuva.
UZwane uveze nokuthi uhlose ukusebenzisa uNange noCole, abangavala isikhala sikaNjabulo Blom maphakathi nenkundla.
Lezi zinkunzi zase-Soweto ezikhungethwe izinkinga zizobe zingamphethe umdlali wabo uKhama Billiat.
Yize iRoyal AM izodlala neChiefs, Amakhosi anethemba lokuwina njengoba leli qembu laKwaZulu-Natal lidonsa kanzima muva nje.
Isithombe esingenhla: IKaizer Chiefs ibhekene neRoyal AM
Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs