Lubhalwe nguMichael Madyira
IKaizer Chiefs ilibangise e-Turkey ngoLwesine ebusuku ohambweni lwesizini yokuqala ngaphandle kukanozinti wayo, u-Itumeleng Khune ophelelwe inkontileka yakhe ekupheleni kukaNhlangulana.
Ngokusho kwaleli qembu, leli qembu lase-Soweto lizochitha cishe amasonto amathathu ezweni elingosokhaya futhi lizodlala imidlalo yobungani neqembu lase-Turkey.
UVina Maphosa, wezokuxhumana kuChiefs akatholakalanga ukucacisa ngodaba lukaKhune kodwa imibiko ithi iqembu alizimisele ngokumnika inkontileka entsha.
Ukanikezwanga indawo yokudlala yize ekhombise intshisekelo yokuqhubeka nomsebenzi wakhe wokuba unozinti.
IChiefs iye e-Turkey nomdlali omusha uBongani Sam owake wagijima ku-Orlando Pirates kodwa kusamele amenyezelwe ngokusemthethweni njengomdlali omusha.
IChiefs ihambe ezinyathelweni zePirates neMamelodi Sundowns abaye e-Europe ngesikhathi sokulungiselela isizini edlule.
Umqondisi wezemidlalo kuChiefs, uKaizer Motaung Jr uthe “Okubaluleke kakhulu ekhempini yokulungiselela ukuqala kwesizini ukwenza isiqiniseko sokuthi bakha ubunye beqembu kanye nokulungela ngokwengqondo isizini ezayo.
“Lokhu kubalulekile njengoba wonke amaqembu aphezulu edinga ukusebenzisana ukuze akhe amandla angaphakathi ukuze alungele izinselelo ezizayo.”
IChiefs izojoyinwa umqeqeshi wayo omusha e-Turkey, uNasreddine Nabi osanda kuqeda inkontileka yakhe njengomqeqeshi we-AS FAR Rabat yase-Morocco.
“Ngohlaka olusha lwabaqeqeshi, kuyasiza ukuthi iqembu elisha lizakhe njengeqembu elikude nendawo eliyijwayele ukuze lihlole ukuthi yimuphi umsebenzi okumele wenziwe nokuthi kumele lisebenzisane kanjani ngokuzayo,” kusho uMotaung.
“Silubheke ngabomvu uhlelo lokuzilungiselela oluyimpumelelo, futhi siyethemba ukuthi iqembu lizokwazi ukugxila emsebenzini eliwenzile njengoba sizilungiselela ukuqala isizini ngamandla.”
Uhambo oluya e-Turkey luwuhambo lweChiefs lokuqala lwaphesheya kwezilwandle eminyakeni engu-21, kulandela uhambo lwayo lokuya e-South Korea ngo-2003.
Leli qembu lase-Soweto lizozama ukuqeda isomiso seminyaka eyisishiyagalolunye sendebe kule sizini ezayo.
Esithombeni esingenhla: U-Itumeleng Khune ngesikhathi bezilungiselela ngaphambi komdlalo.
Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs
