IChiefs iguqise iChippa yabuyela emjahweni weChampions League 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Igoli lika-Ashley du Preez lenze iKaizer Chiefs yawina ngo 1-0 kowe-Premier Soccer League ngesikhathi ihlula iChippa United njengoba ibuyela endleleni yayo yokuwina enkundleni yezemidlalo iNelson Mandela Bay ngoLwesine.

UDu Preez ushaye igoli sekusele imizuzu engu-18 ukuthi umdlalo uphele ukuze leli qembu lase-Soweto libuyele endaweni yesibili okuzoqinisekisa ukuthi lizongena kwi-CAF Champions League ngesizini ezayo.

IChiefs ifike e-Gqeberha ngemuva kokulahlekelwa ngamaphuzu amane emidlalweni emibili edlule kodwa iye yalulama yanciphisa igebe phakathi kwayo neSuperSport United esendaweni yesibili ngamaphuzu amathathu.

Kusele imidlalo emithathu kuphela ngaphambi kokuthi kuphele umqhudelwano nokuyinto eshiye iChiefs isendaweni okufanele iyiwine njengoba isisele ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.

Umphumela wangoLwesine wengeze izinkinga zeChippa United ebambeke obishini lokugawulwa izembe.

Njengoba uKeagan Dolly engeke adlale kuze kuphele isizini ngenxa yokulimala, uHappy Mashiane ungene esikhundleni sakhe kwathi umdlali wasemuva uNjabulo Ngcobo waqala selokhu agcina ukudlala ngoMandulo nyakenye.

Bekuwumdlalo wokuqala kaLehlohonolo Seema ephethe iChippa njengoba esebuya okwesibili kuleli qembu lase-Gqeberha.

Osokhaya babe ngabokuqala ukuzama ukushaya igoli kubhoke uMeshack Maphangule.

Ithuba lokuqala leChiefs liqhamuke emizuzwini engu-26 kuqale umdlalo ngesikhathi uMduduzi Shabalala eshaya ibhola ebeligotshwe uChristian Saile Basomboli.

Leli qembu lase-Soweto licishe lashaya igoli ngesikhathi i-free kick kaReeve Frosler icishe idlula unozinti weChippa uLloyd Kazapua.

UBasomboli uphinde wabuya ngemuva kokuthi kuqale isiwombe sesibili kanti kulokhu unike uDu Preez ibhola elihle okhahlele ibhola ngaphezu kwamapali.

Ngemizuzu engu-64 uYusuf Maart unikwe ibhola uShabalala obebhekene noKazapua kodwa uye washoda ngesivinini esivumele uSiphelele Luthuli ukuthi avimbe ibhola lakhe ebelibheke epalini.

Bekuwumdlalo lapho iChippa exake khona iChiefs kanti uShabalala uphinde wazama kude nokuyinto ephoqe uKazapua ukuthi avimbe ibhola elishisayo.

Lo mqhudelwano obushubile uxazululwe uDu Preez ngebhola elihle ebelibukeka sengathi lizophuma eceleni.

Esithombeni esingenhla: Umgadli weKaizer Chiefs uAshley du Peez

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva