IChiefs ifake unyawo olulodwa kowamanqamu we-CAF Champions League

Menzi Magubane

Ukugijima okumangalisayo kweKaizer Chiefs kwi-CAF Champions League kuqhubekile ngesikhathi ihlula iqembu lase-Morocco i-Wydad Casablanca ngo 1-0 e-Stade Mohamed V ngoMgqibelo ebusuku.

Sibonga i-Video Assistant Referee (VAR) ngokuthi igoli likaSamir Nurkovic livunywe ngemuva kokuthi unompempe nomsizi wakhe benqume ukuthi beliyi-offside. Ukunqoba kweChiefs kuyenze yangena ngonyawo olulodwa kowamanqamu walo mqhudelwano.

Kumele kushiwo ukuthi Amakhosi awanikwanga thuba ngabaningi ukuthi angabuya nomphumela omuhle e-Morocco ngemuva kwalokhu okwenzeka ngesikhathi begcina ukudlala ne-Wydad NgoNhlolanja. Abase-Morocco babeyizintandokazi zokuwina lo mdlalo futhi kubo bekuwumbuzo wokuthi bazoshaya amagoli amangaki kulokhu.

NgoNhlolanja balulaza iChiefs ngo 4-0 emdlalweni wabo wasekhaya owawudlalelwa e-Burkina Faso ngenxa yemithetho eqinile ye-Covid-19 eyayise-Morocco ngaleso sikhathi. Ukunqoba kwaMakhosi ngoMgqibelo kubenze baqhubeka lapho abagcine khona ngesikhathi la maqembu amabili egcina ukuhlangana e-Soweto ngoMbasa.

IChiefs inqobe ngo-1-0 kulokhu kanti ngoMgqibelo ozayo kulindeleke ukuthi iwuqedele umsebenzi uma la maqembu ehlangana futhi emlenzeni wesibili. UNurkovic uyakuqonda ukuthi kungani bengakwazi ukubungaza ukunqoba kwabo okwamanje.

“Umsebenzi awukapheleli, Sekungxenye yokuqala yalolu hambo. Ngesonto elizayo kuzofanele siphinde futhi. Yebo, sijabule ngokuthi sithole umphumela omuhle e-Morocco, bekungumzamo weqembu. Ekhaya kuzodingeka ukuthi siqhubeke nokusebenza siyiqembu futhi siqinisekise ukuthi umdlalo siwudlala sinomoya ofanayo wokulwa esasinawo e-Morocco,” kusho uNurkovic.

Khonamanjalo e-Tunisia, abaphethe isicoco i-Al Ahly badlale kangcono kancono kuneqembu lasekhaya i-ES Tunis. UPitso Mosimane nabafana bakhe banqobe ngo 1-0 okuwukunqoba abazobutela nakho ekhaya ngoMgqibelo ozayo.

Inzuzo yama-Red Devils ase-Gibhithe, nawo aya kulo mdlalo njengabaphansi kune-Tunisia ngamandla.

Umthombo wesithombe: @kaizerchiefs

Izihloko zakamuva