IChiefs idlulele kowandulela owamanqamu weNedbank Cup

Lubhalwe nguMichael Madyira

IKaizer Chiefs isondele ekuqedeni isomiso seminyaka eyisishiyagalombili ngemuva kokuhlula iRoyal AM ngo 2-1 kowama-quarter-final we-Nedbank Cup ngeSonto enkundleni yezemidlalo i-Chatsworth.

Njengoba belidinga isikhathi esengeziwe ukuze liwine leli qembu lase-Soweto kudingeke ukuthi lilwe ngemuva kokuthi iRoyal AM ihole phambili ngegoli likaLesego Manganyi alishaye emizuzwini engu-28 umdlalo uqalile.

Kodwa igoli likaThabo Matlaba alishaye ngomzuzu ka-36 kanye nephenalthi kaYusuf Maart ngomzuzu ka-102 yikhona okwenze iChiefs yangena kowandulela owamanqamu.

Bekuwumdlalo wamathuba ambalwa obuphambi kwezihlwele eziningi lapho iChiefs ehlule khona iRoyal AM okokuqala ekuhambeni e-Chatsworth.

Bekungokokuqala ukuthi iRoyal AM ihlulwe ekhaya kunoma yimuphi umqhudelwano kule sizini selokhu yahlulwa ngo 1-0 iTP Mazembe kowe-CAF Confederation Cup ngoLwezi nyakenye.

Njengoba iChiefs idlulela kowandulela owamanqamu we-Nedbank Cup isingakwazi ukuphupha ngokuphakamisa isicoco sayo sokuqala sesiliva kusukela yagcina ngo-2015.

Umqeqeshi weChiefs u-Arthur Zwane ufake abadlali abathathu basesiswini – uMaart, uSamkelo Zwane kanye noSiyethemba Sithebe – njengendlela yokufuna ubuhlakani.

Kodwa leli qembu lase-Soweto belingekho ezingeni eliphezulu ngesikhathi libhekene nabadlali basesiswini beRoyal AM uSiphesihle Msomi kanye nowayedlalela iChiefs uKabelo Mahlasela abebebambe izintambo maphakathi nenkundla.

Osokhaya bashayeke engeqiwa ntwala ngomzuzu ka-23 ngesikhathi umakadebona odlala emuva uHappy Jele edonseka umsipha wase eyakhishwa kwangena uManganyi.

Emizuzwini emihlanu ngemuva kokungena, uManganyi ushaye i-cross ngekhanda ebholeni ebelivela kuShaune Mogaila nokuyigoli elenze iRoyal AM yahola phambili.

Akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi iChiefs ilinganise futhi kuye kwaphoqeleka ukuthi ibonge uMatlaba ngemuva kokuthi lo mdlali owayedlalela i-Orlando Pirates eshaye unozinti wakhe uZakahle Ngcobo walifaka phakathi ezama ukuvika igoli.

Womabili la maqembu awakaze ahluphane kodwa ngesikhathi sekusele imizuzu engu-15 kuphela umdlalo uSithebe uye wageja igoli ngemuva kokukhahlela engaphandle kwebhokisi.

UMxolisi Macuphu naye uye wazama ebangeni elide kodwa umzamo wakhe ube yize.

Umdlalo wamathuba ambalwa uye esikhathini esengeziwe kanti uMaart uye wahlukanisa la maqembu amabili ngamaphuzu ngesikhathi eshaya iphenalthi.

UNgcobo uye wahlawuliswa ngokudlalisa kabi uMduduzi Shabalala ngaphakathi ebhokisini.

Iphenalthi kaMaart iqale yashaya i-crossbar futhi kudingeke ukuthi abonge umjikelezo webhola eligxume phezu komugqa wegoli.

Ngemuva kwesikhashana uMatlaba ucishe walinganisela iRoyal AM kodwa ibhola lakhe liye laphuma phezu kwepali.

IChiefs iye yabambelela emdlalweni yawina.

Esithombeni esingenhla: IKaizer Chiefs ibhekene neRoyal AM

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva