IChiefs idlulela phambili ngenkathi iSundowns iphuma kwi-CAF

Menzi Magubane

Inganekwane yeKaizer Chiefs ku-CAF Champions League iyaqhubeka njengoba idlulele kowandulela owamanqamu yize ihlulwe ngo 3-0 yijezi lase-Tanzania i-Simba ngoMgqibelo.

Amakhosi asinde ngokulambisa ekuhlaselweni yi-Dar es Salaam futhi ngenxa yokuhola ngo 4-0 kusuka ngoMgqibelo odlule, anqobe ngo 4-3 sekuhlanganiswe amagoli.

IChiefs manje izodlala ne-Wydad Casablanca kowandulela owamanqamu. La maqembu omabili asehlangane kabili kulo mkhankaso phakathi nezigaba zamaqoqo.

Abadlali base-Morocco baguqise iChiefs ngo 4-0 emdlalweni wokuqala ka-Group C. Emlenzeni wokubuya iChiefs yanqoba ngo 1-0 e-Soweto.

Njengoba ama-semi ezoqala ngoNhlangulana kusuka ngomhla ziyi-18-19, iChiefs izobhekisa amabombo e-Morocco emlenzeni wokuqala. Umlenze wokubuya uhlelelwe ukuba ngoNhlangulana ngomhla zingama-25-26.

Umqeqeshi wabo uGavin Hunt wayazi ukuthi iqembu lasekhaya lizophuma egobolondweni lalo liphonse konke kubona.

“Yilokho okulindele ngaphezu kwemilenze emibili. Ngalesi sikhathi bekuhluke kancane kithina. Bayiqembu lasekhaya. Kodwa okumqoka wukuthi singenile ku-semi final. Simbile futhi sesidlulela kuma-semi nokuyinto ebalulekile leyo,” kusho uHunt.

Khonamanjalo e-Tshwane, iMamelodi Sundowns iphumile kulo mqhudelwano ngemuva kokuthi ibanjwe ngo 1-1 ngabaphathi i-Al Ahly. I-Downs ibinethemba lokuguqula ukushiyeka ngo 2-0 emlenzeni wokuqala obuse-Egypt kodwa bekungafanele kwenzeke njengoba ihlulwe ngo 3-1 sekuhlangene.

I-Al Ahly izodlala ne-Esperance yase-Tunisia emdlalweni owandulela owamanqamu.

Ngemuva komdlalo, kubikwe izehlakalo ezimbi ngaphandle e-Loftus Stadium lapho abalandeli be-Sundowns belwisa umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane.

Kubaphathe kabi ukuthi ezakhe i-Al Ahly zishaye i-Sundowns ngoMgqibelo odlule.

UMosimane ubhekise esikhulwini se-Sundowns esingagagulwanga ngegama ebasola ngokwakha imashi lapho ethe abalandeli babo bamthuke ngomama wakhe.

“Ngaphatheka kabi kancane ngesikhathi ngibona izingqwembe ngaphandle kwenkundla. Bonke labo bantu bangithuka futhi bathuka nomama. Ngizibuze ukuthi yini enye obekufanele ngiyenzele leli qembu ukuthola inhlonipho kodwa yibhola futhi ngiyakuqonda lokho.”

Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs

Izihloko zakamuva