IChiefs idlale ngokulingana ekhaya kwi-CAF Champions League

Menzi Magubane

IKaizer Chiefs iqale umkhankaso wayo wokuqala we-CAF Champions League Group stage ngephuzu ekhaya ngesikhathi ibambana ngo 0-0 e-FNB Stadium idlala neHoroya AC yase-Guinea kuGroup C.

Lona bekungumdlalo wokuqala weChiefs womkhankaso wabo ka-2020/21. Ekuqaleni iChiefs bekufanele ibhekane neWydad Casablanca e-Morocco cishe emasontweni amabili edlule.

Kodwa lowo mdlalo wahlehliswa ngenxa yezinkinga zama-visa kanti manje uzodlalwa ngeSonto e-Burkina Faso.

NgoLwesibili iChiefs ibinamathuba amaningi okuhlwitha wonke amaphuzu amathathu kodwa ibidlala kabi phambi kwepali – njengoba unozinti weHoroya uMoussa Camara ubekhombisa izimpawu zokuba buthakathaka.

UCarama akakwazanga ukubhekana namabhola amaningana abeshaywa iChiefs ngasepalini lakhe. Yize kunjalo, abadlali beChiefs abakwazanga ukusebenzisa lelo thuba.

IHoroya ibifuna iphuzu elilodwa nje. Ngisho nomqeqeshi wabo uLamine N’diaye ukuvumile okuningi ngaphambi kokuqala komdlalo.

U-Itumeleng Khune ukwazile ukuzihlenga kulo mdlalo ngesikhathi esindisa obekubukeka sengathi igoli ebeliyongena epalini, wakwazi ukugcina amaphuzu efana ekupheleni komdlalo.

Lelo phuzu libone iHoroya ihamba phambili eqoqweni ngamaphuzu amane. IWydad, eshaye iPetro de Luanda ngelilodwa eqandeni komunye umdlalo ka-Group C ngoLwesibili, isendaweni yesibili ngamaphuzu amathathu bese kuthi iChiefs isendaweni yesithathu.

Bekungokwesithathu ukuthi Amakhosi adlale ngokulingana ekhaya.

UGavin Hunt uzothemba ukuthi abafana bakhe bazoqhubeka naleli fomu lokuhamba uma sebebhekene neWydad ngeSonto.

Khonamanjalo, i-Al Ahly engompetha ababusayo ishaywe yiTanzania ngoLwesibili ku-Group A. AmaRed Devils ashaywe yiSimba ngelilodwa eqandeni okuwukuhlulwa kokuqala komqeqeshi uPitso Mosimane emzamweni wokuvikela isicoco sabo.

Selokhu uMosimane ajoyine abase-Gibhithe ngoMfumfu, ukuhlulwa ngoLwesibili bekungokwesibili. Okokuqala kufike ekuqaleni kwale nyanga kwiNdebe yoMhlaba ye-FIFA Club.

Bashawa ngamabili eqandeni yiBayern Munich egcine ingompetha. Umdlalo olandelayo we-Ahly we-Champions League ungomhla zi-5 kuNdasa lapho bezokwamukela iqembu lase-Congo i-AS Vita.

Umthombo: @kaizerchiefs