IChiefs enganqandeki inenebule iSimba kwi-CAF

Menzi Magubane

IKaizer Chiefs iqhubeke nomjaho wayo omangalisayo kwi-CAF Champions League ngesikhathi inenebula iziqhwaga zase-Tanzania iSimba ngo 4-0.

Ukunqoba kowomlenze wokuqala wama-quarter final ngoMgqibelo e-FNB Stadium kuholele ekutheni Amakhosi afake unyawo olulodwa kwi-semi final.

Umgadli uSamir Nurkovic, uvale isikhala sokuthi ubungekho imdlalo emibili ngokushaya amagoli amabili kwathi u-Eric “Tower” Mathoho kanye noLeonardo Castro bashaya amanye amabili.

Uma iSimba ifuna ukuguqula isimo sayo sokuhlulwa, kuzodingeka ukuthi ishaye okungenani amagoli amahlanu ngaphandle kokungenelwa amagoli emdlalweni wokubuya.

Kodwa lokho kungumsebenzi omkhulu futhi onzima. Ngesikhathi iChiefs igcina ukuvumela ukungenelwa ngamagoli amaningi kwakunguNdasa ngesikhathi ihlulwa yiWydad Casablanca ngo 4-0 emdlalweni wokuqala walo mqhudelwano.

Umqeqeshi weSimba uDidier Gomes uncome Amakhosi.

“Njengoba ngishilo ngaphambi komdlalo, iChiefs iyiqembu elihle kakhulu. Idlalela kakhulu ekuhlaseleni kanti namuhlanje idlale ngokukhulu ukuzimisela ngaphandle kokungenelwa ngamagoli, okufakazela ukuthi iqinile ekuvikeleni,” kusho uGomes.

Khonamanjalo uPitso Mosimane ushaye iqembu lakhe lakudala, iMamelodi Sundowns ngoMgqibelo.

I-Al Ahly inqobe ngo 2-0 ekhaya ukuze ithole ithuba lokuya emlenzeni wesibili e-Tshwane ngalo Mgqibelo.

Lona bekungumqhudelwano wokuqala kaMosimane neqembu lakhe langaphambilini. AmaRed Devils awina i-Champions League, iligi yaseGibhithe kanye ne-Egypt Cup esikhathini esingangenyanga.

Njengamanje usendleleni yokuvikela isicoco se-Champions League.

Umthombo wesithombe: @kaizerchiefs

Izihloko zakamuva