IChennai iphinde yawina isicoco se-IPL

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ngemuva kwezinsuku ezimbili zemvula i-Chennai Super Kings kaMS Dhoni ihlule ompetha abavikela isicoco i-Gujarat Titans ukuze iphakamise isicoco se-IPL okwesihlanu.

Ngemuva kokuhlelelwa ukuba ngeSonto, umdlalo wamanqamu obulindelwe ngabomvu uqale ngoMsombuluko waze waphothulwa ngovivi ngoLwesibili ekuseni e-Ahmedabad.

Isixuku esithembekile sigcwalise izitendi futhi besijabule yize umdlalo ubambezelekile kanti ngempela bekuwumdlalo obekufanele ulindwe.

I-Chennai iwine i-toss futhi yadlala kuqala kanti uSai Sudharsan ushaye ama-runs angu-96 emabholeni angu-47 wathola amaphuzu amakhulu angu-214/4 kompetha abavikelayo.

Ukubambezeleka kwemvula kusho ukuthi i-Super Kings ibizodinga amabhola angu-171 kuma-overs angu-15; futhi kungene uDevon Conway, uShivam Dube kanye noRavindra Jadeja ukusiza ngalokho.

UConway ushaye ama-runs angu-47 ngesikhathi uDube eshaya angu-32 engahluliwe ngaphambi kokuthi uJadeja aqedele ukujaha ibhola lokugcina lomdlalo omqoka.

Ukuwina ngamawikhethi amahlanu bekungenye into u-Ambati Rayudu ayibize njengenganekwane njengoba ephuma emsebenzini omuhle ngendondo yokuwina.

“Kuyinganekwane futhi bengingeke ngicele okwengeziwe. Akukholakali, [nginenhlanhla] ukuthi ngidlale ezinhlangothini ezinhle,” kusho uRayudu.

“Lokhu kuwina into engizoyikhumbula impilo yami yonke nakukho konke ukusebenza kanzima kule minyaka engu-30 edlule futhi ngijabule ukuthi kuphelile ngalo msebenzi. Ngithanda ukuthatha leli thuba ngibonge umndeni wami ngibonge kakhulu ubaba wami ngoba ngaphandle kwakhe ngabe angikho lapha namuhla.”

Esithombeni esingenhla: URavindra Jadeja

Umthombo wesithombe: @IPL

Izihloko zakamuva