ICheetahs izibekisele indawo kowamanqamu weCurrie Cup 

Lubhalwe nguLucky Maree

Ngandlela thize kube ugqozi ukubona amaqembu amabili aphansi kakhulu ewina. Kokunye kuphoxe kakhulu ukubona amaBlue Bulls namaSharks bedlala sengathi abasakwazi ukulinda ukuphuma enkundleni beyokwenza izoso ndawana thize.

➤ URuan Pienaar uzodlala umdlalo wakhe wokugcina kwiCheetahs kodwa ngokuqinisekile uzophuma ehambela phezulu.

Uzokhunjulwa njenge-scrumhalf esihle kodwa udlale kwi-flyhalf ukuze avulele uRewan Kruger isikhala kwinombolo yesishiyagalolunye.

Bekuyinjabulo ukubuka uPienaar ehlakaza amaBlue Bulls. (Kulula ukukhohlwa ukuthi udlale imidlalo engu-141 ku-Ulster waphinde wathathwa njengompetha e-Ireland.)

Mhlawumbe i-try yokuqala eshaywe uReinhardt Fortuin ngomzuzu wesibili yiyona eshintshe wonke umdlalo.

UPienaar ukhahlele phambili endaweni engu-22m yamaBulls. UJohan Goosen ube esethatha ibhola walibuyisela emuva.

Lokhu kwenzeke ngaphandle kokuthi ukukhahlela okuvilaphayo kukaFortuin (emdlalweni wakhe wesi-50) kumenze ashaye igoli ngaphansi kwamapali. Umdlalo ubunemizuzu emibili kuphela uqalile, kodwa amaBulls ebesesalele emuva ngamaphuzu ayisikhombisa.

Kusukela lapho iCheetahs ifakele amaBulls ingcindezi yaziwinela kalula.

➤Ngeshwa okumangalisa kakhulu emdlalweni obuphakathi kwamaSharks nePumas ukuthi unompempe uMarius Van Der Westhuizen ukhiphe amakhadi amabili aphuzi nelilodwa elibomvu.

Ama-try amathathu ePumas ashaywe abadlali abaphambili. Umdlali oyedwa owenze into encomekayo enkundleni u-Andrew Kota oshaye i-try ebimfanele. Ngisho nomdlali wasemuva wePumas, uDevon Williams akazange ayibone. Ungomunye wabadlali abajabulisa kakhulu kwi-Currie Cup njengoba ebekhahlela ibhola ngaso sonke isikhathi,zikhathi zonke!

Ikhadi elibomvu bekuyisiphithiphithi esingaqondwa onompempe kuphela. U-Etienne Taljaard ugxume kakhulu eyolanda ibhola. Uwele phezu kuka-Alwayno Visagie wahlala ekhanda lakhe. “Indlela umdlali awe ngayo yenze kwaba nezinga eliphezulu lengozi,” kusho unompempe. Ngabe lokho kusho ukuthi ukube uTaljaard ukwazile ukugwema indlela awe ngayo ubengeke athole ikhadi elibomvu?

Ekugcineni iPumas ibonakale ihlasela ngokwanele ukuvimba amaSharks anabadlali abangu-14 ekushayeni igoli emizuzwini engu-20 yokugcina.

Cheetahs (ama-try amathathu) amaBlue Bulls 39-10 (i-try eyodwa) 

AmaSharks (ama-try amabili) iPumas 20-26 (ama-try amane) 

Okucashuniwe: IPumas iwine ngamalengiso ukuzibekisela indawo kowamanqamu we-Currie Cup.

Esithombeni esigenhla: IPumas

Izihloko zakamuva