Lubhalwe nguLungani Zungu
Ukukhethwa kukaMnuz Jacob Zuma njengoSihlalo we-South Africa National Civic Organisation (Sanco) KwaZulu-Natal sekuthole ukugxekwa ngelinye iqeqebana lale nhlangano yabahlali.
Iqeqebana lale nhlangano eliholwa ngowayeyikhansela le-ANC uLawrence Dube selichaze le ngqungquthela njenge yomgunyathi.
Leli qeqebana lithi lazi uhlaka olwakhethwa ngo-2021 kuphela futhi oliholwa nguDube njengoSihlalo walo.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa uDube uthe: “Ngokwazi kwethu lunye kuphela uhlaka oluhola i-Sanco. Asazi lutho ngohlaka oluhambisana nowayenguMengameli wezwe uZuma.”
I-Sanco iyingxenye yomfelandawonye we-ANC, i-SACP kanye ne-Cosatu.
UDube wazakhela ukuduma ngokufaka i-ANC enkantolo ngo-2017 kulandela ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngo-2015 KwaZulu-Natal lapho okwakhethwa khona owayenguSihlalo uMnu Sihle Zikalala.
UDube uthe: “Ngeke sivume ukuthi inhlangano yethu iphathwe ngabantu abanezinhloso ezimbi. Asilona iqembu lepolitiki kodwa siyinhlangano yomphakathi ehlose ukulwela abantu.”
Kubukeka sengathi uZuma uzoba nesikhathi esinzima sokuhola le nhlangano.
UZuma wethulwe njengosihlalo omusha we-Sanco engqungqutheleni yezinsuku ezimbili yale nhlangano eThekwini ngempelasonto.
USizwe Cele ongunobhala wesifundazwe ophikisana nokukhethwa kukaZuma uthe lowo owayenguMengameli (80) akakaze abe ilungu le-Sanco.
“Akakaze abe ilungu le-Sanco. Kunalokho weza ezokwethula imiyalezo yokweseka i-Sanco esikhundleni sakhe njengoMengameli we-ANC ngaleso sikhathi,” kusho uCele.
UNdunankulu uNomusa Dube-Ncube – naye obehambele ingqungquthela – usolwa ngokugunyaza le ngqungquthela ‘ewumgunyathi.’
UCele unxuse ubuholi be-ANC esifundazweni obuholwa uMnu Sboniso Duma njengosihlalo ukuthi bubuyisele uNkk Dube-Ncube endleleni.
Esitatimendeni uNkk Dube-Ncube uchaze okushiwo uCele ngokuthi ‘iphupho.’
Ukukhethwa kukaZuma kuhlaziywe ezindaweni eziningi njengeqhinga lakhe lokuvuselela umsebenzi wakhe wezepolitiki obobakala ufadabala.
Iqeqebana elikhethe uZuma njengoSihlalo walo alitholakalanga ukuba liphawule.
Esithombeni esingenhla: owayenguMengameli uJacob Zuma
Umthombo wesithombe: @NomsaMD