Ezemidlalo: I-Manchester City ayiwinanga emidlalweni eyisikhombisa kanti i-Liverpool ishisa ingabaselwe, kubhala uDylan Bettencourt.
I-Manchester City idonsa kanzima ku-English Premier League.
Ompetha beligi abake basatshwa kakhulu basefomini embi kakhulu ngaphansi kobuholi bukaPep Guardiola njengoba sebedlale imidlalo eyisikhombisa bengawini, futhi manje sekufanele babhekane ne-Liverpool ezihola phambili e-Anfield.
I-Liverpool ezihola ngamaphuzu ayisishiyagalombili esicongweni, izozimisela ukwelula ukuhola kwayo ngamaphuzu angu-11 ngokuwina.
Kodwa-ke, uGuardiola uzokwazi ukuthi ukunqoba ngeSonto cishe kungaqeda ubuhlungu bemidlalo eyisikhombisa edlule futhi kubabuyisele endleleni.
Kodwa uma i-Mamchester City ihlulwa, kuzozwakala sengathi isicoco se-Premier League sesihambile.
La maqembu amabili azotholana phezulu ngeSonto ngehora lesithupha ntambama.
Miningi imidlalo ezodlalwa ngaphambi kwalowo, njengoba i-Southampton izobhekana ne-Brighton & Hove Albion ngehora leshumi ntambama ngoLwesihlanu.
NgoMgqibelo kuzobe kunenqwaba yemidlalo ngehora lesihlanu ntambama, kodwa umdlalo wosuku ngowe-Arsenal lapho ezobe idudulana khona ne-West Ham ngo-7.30 ebusuku.
Ukuzilungiselela umdlalo wangempelasonto, i-Chelsea izobhekana ne-Aston Villa ngo-3.30 ntambama, kanti i-Tottenham izobhekana ne-Fulham bese i-Manchester United idlala ne-Everton ngesikhathi esifanayo.
Yonke le midlalo izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DSTV 203.
➤ Njengoba i-Autumn Internationals isiphelile futhi abantu sebekhohliwe ngayo, umqhudelwano we-Vodacom United Rugby Championship ubuya ngezinkani, futhi amaqembu amabili aseNingizimu Afrika babhekene nezinselelo ezinzima zisuka nje.
IVodacom Blue Bulls izilungiselela impi lapho ezobhekana khona ne-Connacht e-Galway, e-Ireland, lapho okubikezelwa khona isimo sezulu esibandayo nesinomswakama. Umoya, ogijima olwandle i-Atlantic Ocean kulindeleke ukuthi ufike ngesivinini esingaba ngu-30km/h. Kuwusuku olunzima olulindele amaBulls njengoba ebheke ukuvikela indawo yesithathu kwi-log.
AmaLions azobhekana ne-Ulster futhi angalindela ukwamukelwa ngendlela efanayo uma esebhekene ne-Munster e-Limerick, e-Ireland, ngaphansi kwezimo ezifanayo. AmaBulls abambelele endaweni yesine ku-log, okuyindawo emqoka ukuze anqobe owandulela owamanqamu ekhaya. Ukuze bahlale lapho, bazodinga ikhono, ukuzimisela kanye nesimo sengqondo sokuwina.
Emuva ekhaya, kuzoba nomdlalo womkhaya njengoba amaSharks angenzi kahle ezobe ebhekene ne-DHL Stormers esefomini embi nakakhulu kule sizini. AmaSharks asendaweni yesishiyagalolunye kwi-log, asahlulwe imidlalo emibili kwemihlanu, kanti amaStormers asemsileni, ahlulwe kathathu emidlalweni emihlanu. Womabili la maqembu abephoxekile futhi ahlose ukuthuthukisa ukuma kwawo aphinde athole ukwesekwa abalandeli.
➤ I-HSBC Sevens izoqala kanti iBlitzboks inethemba ukuqhubeka lapho egcine khona emqhudelwaneni wokugcina. Banerekhodi elihle e-Dubai, njengoba sebenqobe amahlandla amahlanu kwabesilisa ngesikhathi beshaya i-Argentina kowamanqamu ekuqaleni konyaka.
Uvivinyo lwabo olukhulu luyeza njengoba bezobe bedlala ne-France ngoMgqibelo kusihlwa. Kodwa-ke, i-France izobe idlala ngaphandle kuka-Antoine Dupont oyisihlabani sama-Olympics sanyakenye.
Imidlalo imi kanje:
IHollywoodbets Sharks izobhekana ne-DHL Stormers: eThekwini, ngoMgqibelo, ngehora lesihlanu ntambama
I-Connacht Rugby izobhekana neVodacom Bulls: e-Galway, ngoMgqibelo, ngo-7.30pm
I-Munster Rugby izobhekana ne-Emirates Lions: e-Limerick, ngoMgqibelo, ngo-9.30pm
Yonke imidlalo izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DSTV 201 no-211.
NgoMgqibelo – yonke imidlalo ye-HSBC Sevens Fixtures izokhonjiswa bukhoma esiteshini seDSTV 211:
IBlitzboks izobhekana ne-Australia: ngo-8.50am
IBlitzboks izobhekana ne-Kenya: ngo-12.58pm
IBlitzboks izobhekana ne-France: 6.44pm
Esithombeni esingenhla: IManchester City.
Umthombo wesithombe: Man City/X