Icebo elisha ngokuthenga ithoyizi locansi eselisebenzile 

Ukwengeza ithoyizi lokuqala noma lesibili locansi uma ufuna ukuzithokozisa ebusuku kuyabiza kakhulu. Kodwa kukhona indlela yokwenza lokho ngaphandle kokukhipha imali eningi ebhange.

Lokhu kuhlanganisa ukuthenga ithoyizi locansi elike lasetshenziswa omunye umuntu. 

Yebo, ngempela!

Ngo-2021 ama-web designer amabili ase-Canada nabathandi bezinto zokuzijabulisa bethula i-“Squeaky Clean Toys”, le iwebhusayithi edayisa amathoyizi ocansi aseke asebenza.

Yize osomabhizinisi ababili abathanda amathoyizi ocansi bethi iningi labangani babo nomndeni babona lo mbono wabo ungemuhle baqhamuke nendlela yokuqinisekisa ukuthi amathoyizi ocansi atholakala ehlanzekile.

Abasunguli abakhetha ukuhlala bengaziwa bangabangani kuphela. Ake sibabize ngoMark noSusan ngenjongo yalesi sihloko.

Baqhamuke naleli cebo ngemuva kokuthi umngani wabo bobabili wayehlanza ikhabethe labo wathola inqwaba yamathoyizi ocansi abiza imali eshisiwe.

“Ingxenye yabantu inamathoyizi amaningi ocansi, uyacabanga nje inqwaba yamathoyizi ocansi engasetshenziswa?” kusho uSusan.

Umkhiqizo ngamunye uthengiswa ngemuva kwenqubo yokuhlanza ekumthengi noma umthengisi, kubika i-Insider.

Kodwa-ke, njengoba iwebhusayithi ye-Squeaky Clean Toys ikhombisa imikhiqizo kunesixwayiso sokuthi amathoyizi ocansi kwesinye isikhathi athwala izifo kanti lokho kungaholela ekutholeni isifo esithathelana ngocansi.

Ngakho-ke, ongakwenza uma ufuna ukuthenga ithoyizi locansi eselisebenzile kumele uthenge leli eline-silicone noma elingenazo izimbotshana ezincane.

Lawa angenazo izimbotshana ezincane ahambisana ne-silicone, i-borosilicate glass ne-medical-grade steel, u-Alexandra Fine oyisikhulu esiphezulu kanye nomsunguli wenkampani yamathoyizi ocansi i-Dame, utshele i-Well + Good.

Okunye ungalinda amahora angu-24 ngemuva kokuhlanza ukuze usebenzise umkhiqizo wakho.

Ucwaningo oluncane olwenziwa ngo-2014 lwabonisa ukuthi ukulinda amahora angu-24 ngaphambi kokuhlanza kwehlisa kakhulu ingozi yokudluliseka kwe-STI kwithoyizi locansi.

UMark noSusan basazokwenza inzuzo ebhizinisini futhi maduze nje.

“Sizohlala siyimaketha into yethu,” kusho uMark.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Amathoyizi ocansi

Izihloko zakamuva