Icebo elihle lokuvikela inkundla yethenisi

Dylan Bettencourt

Sekungamashumi eminyaka abahleli be-Wimbledon bekhononda “ngamajuba” adla utshani ezinkundleni nagcina ephazamise umdlalo wethenisi.

Ngeke kuphinde kwenzeke. I-Rufus the Hawk ivikela i-Wimbledon isesibhakabhakeni, ivikela izinyoni ezihahayo ezingenza ukuthi imidlalo imiswe.

Ngemuva kokubuka umdlalo kaPete Sampras enkundleni yotshani ngo-1999, uDonna Davis wabona ijuba lihlala phakathi nenkundla, kwaphoqa ukuthi umdlalo umiswe. Omunye umdlali wethenisi wayengazama ukugijimisa ijuba ukuze lindize lihambe ngaphambi kokuthi umdlalo uqale kabusha. Kodwa uDavis wayenombono ongcono.

Phakathi neminyaka yango-1980, uDavis wasungula ama-Avian Environmental Consultants ngokuqeqesha oklebe ukuze andize phezulu athuse amajuba.

UDavis noklebe bakhe baba yisixazululo senkinga yamajuba kwi-Wimbledon.

Uklebe wokuqala owagada amagceke e-Wimbledon kwakunguHamish, kodwa ngumzukulu wakhe uRufus, ovikela amagceke manje futhi osephenduke usaziwayo ngandlela thize. URufus une-akhawunti yakhe ku-Twitter.

Abadlali abafana no-Andy Murray kanye noRafael Nadal bacele ukuhlangana nalo klebe.

UDavis uchaza ukuthi uvuka ngo-3.30 ekuseni ukuze afike ezinkundleni ngemuva kwehora ezokhulula oklebe ukuze bathuse noma yimaphi amajuba acashe eduze.

Oklebe bafake ama-trackers e-GPS kubo futhi bayakalwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi bandiza ngesisindo sabo esifanelekile esingu-650 grams.

Oklebe abathathu bagada amagceke kuze kube yihora lesishiyagalolunye ekuseni uma ababukeli sebeqala ukutheleka ukuzobuka umqhudelwano wosuku.

Amahora amane okugada anele ukuqinisekisa ukuthi alikho ijuba elihlala kunoma iyiphi inkundla ngethemba lokudla utshani.

Oklebe baphinda inqubo efanayo nsuku zonke ngesikhathi somqhudelwano we-Grand Slam.

“Oklebe abawalimazi nhlobo amajuba, bayawathusa ukuze baqinisekise ukuthi amajuba adla kwenye indawo,” kusho uDavis.

Leli thimba loklebe lize lasebenza kwi-Jubilee yakamuva kaNdlunkulu u-Elizabeth, liqinisekisa ukuthi akukho zinyoni eziphazamisa inqubo yalolo suku.

Umthombo wesithombe: @EveningStandard

Izihloko zakamuva