Icala lokukhwabanisa likaZizi Kodwa lihlehlisiwe

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

INkantolo Yamacala Akhethekile Ezohwebo yasePalm Ridge ilihlehlisele umhlaka-24 kuMfumfu icala lokukhwabanisa nenkohlakalo elibhekene nowayenguNgqongqoshe wezoBuciko naMasiko uZizi Kodwa kanye noJehan Mackay, owayeyisikhulu esiphezulu senkampani yezobuchwepheshe i-EOH.

IMantshi uPhillip Venter uthe ngoLwesine: “Leli cala alimile. Lihamba ngesivinini esifanele. Ngigculisekile ukuthi ngivume ukuhlehliswa ngesicelo esihlanganyelwe kuze kube umhlaka-24 kuMfumfu ukuze kutholwe imiphumela yezethulo zezinhlangothi zombili.”

Ibheyili ka-R30 000 yalaba bobabili, ekhishwe ngomhlaka-5 kuNhlangulana yeluliwe ngaphansi kwemibandela efanayo.

Ummeli kaKodwa, uZola Majavu, uthe angase acele ukuqulwa kwamacala ahlukene uma kukhona okunye ukubambezeleka.

“Ngike ngenze isethulo nakuMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi. Noma ngabe ithini imiphumela yezethulo, simi ngomumo,” usho kanje.

UKodwa usolwa ngokwamukela imali engaphezu kuka-R1.6 million nokungcebeleka emahhotela ukuze asize i-EOH Group ithole ithenda.

Esithombeni esingenhla: UZizi Kodwa nalowo asolwa naye uJehan Mackay.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva