Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Abaseshi abaphenya ngokubulala kukaSifiso Mkhwanazi bavundulule amaqiniso empilo enesihluku abadayisa ngomzimba ababhekana nayo eGoli kulolu phenyo.
USayitsheni Prince Mbonambi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “Abanye balaba besifazane bashadile futhi bahlala nabayeni babo. Abalingani babo abayazi imisebenzi abayenzayo. Kodwa lokhu bakwenzela ukondla imindeni yabo.”
Iningi labesifazane lafika e-Gauteng livela ezifundazweni ezahlukene nakwamanye amazwe ase-Afrika ukuze lizothola impilo engcono kodwa lagcina selidayisa imizimba yalo emigwaqeni.
Amacala kaMkhwanazi ashaqisa ngisho amaphoyisa alukhuni. Abanye babagilwa babekhulelwe, badutshulwa noma baklinywa baze bafa.
“UMkhwanazi wasebenzisa isibhamu sikayise ukubulala omunye wabashonile,” kusho uMbonambi.
Omunye wesifazane onenhlanhla wasinda ngesikhathi embuza ukuthi wake wasibona yini isidumbu.
“Kuthe uma embuza ukuthi usho ukuthini, wamcenga ukuthi angambulali. Yilapho amtshela khona ukuthi akahambe, wabe esephuma ngejubane owesifazane wangabheka emuva,” usho kanje.
Kwaba nezigigaba ezingezinhle enkabeni yeGoli ngoMfumfu 2022 emuva kokuba amaphoyisa ashaqe izidumbu ezibolile zabesifazane abayisithupha ababedayisa ngomzimba esitolo sikababa kaMkhwanazi sokulungisa izimoto.
Njengoba uphenyo lwaluqhubeka ntambama kwabuthana isixuku sabadayisa ngomzimba, sikhungathekile ngalezi zindaba. Bafuna iqiniso lokuthi kwenzekani kozakwabo abebesebenza nabo.
UMkhwanazi ugwetshwe odilikajele abayisithupha inkantolo eNkulu yaseGoli ngenyanga edlule.
UPhindi Mjonondwana, uthe inkantolo imveze njengesigebengu esiyingozi yabe isiyalela ukuthi abuyele enkantolo ngemuva kweminyaka engu-30 yesigwebo sakhe ukuze inkantolo yenze uphenyo ukuze kutholakale ukuthi usayingozi yini noma cha.
UKaputeni Vincent Saunders uxwayise ngokuthi: “Ngokuya kwemiphumela yokuhlolwa, uMkhwanazi angaphinde abuyiselwe ejele eminye iminyaka engu-30 uma esabonwa njengoyingozi.
Esithombeni ngenhla: USayitsheni Prince Mbonambi kanye noKaputeni Vincent Saunders bathungatha babopha umbulali.
Umthombo: Sithunyelwe
