Icala likaMapisa-Nqakula lihlehlisiwe

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

INkantolo yeMantshi yasePitoli ilihlehlisele kumhla ziyisishiyagalolunye kuNtulikazi icala lenkohlakalo kanye nokushushumbiswa kwemali elibhekene nalowo owayenguSomlomo wePhalamende, uNosiviwe Mapisa-Nqakula ukuze libe usuku lwenkantolo ephakeme kanye nokunikezwa kwamacala.

Okhulumela uphenyo, uHenry Mamothame uthe bamnikeze umbiko ogcwele ngedokodo. Kuphinde kwaqinisekiswa ukuthi uhlu lofakazi bombuso lunikezwa uMapisa-Nqakula mhla ziyisishiyagalombili kuMbasa ukuze akwazi ukuthobela umbandela wakhe webheyili wokungaxhumani ngqo nofakazi bombuso.

UMapisa-Nqakula usolwa ngokufuna ukugwazelwa u-R4-million enkampanini yezokuvikela ngesikhathi esanguNgqongqoshe wezokuvikela.

Lowo owayenguSomlomo wePhalamende ubhekene namacala angu-12 enkohlakalo nelilodwa lokushushumbisa imali.

UMamothame uthe “Ngemuva kokuqhubeka nobufakazi obebuphambi kwethu, khumbula ukuthi lo muntu ubezobekwa icala elilodwa lokushushumbisa imali kuthe ngemuva kokuxoxa kahle, uPhiko oluphenya amacala athinta lona lwanquma ukungaqhubeki nalo muntu.”

UMapisa-Nqakula unikezwe ibheyili ka-R50 000 nemibandela ehlanganisa nokuhoxiswa kwepasi lakhe.

Esithombeni esingenhla: UNosiviwe Mapisa-Nqakula.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva