Ibuyile isizini entsha yama-Idols SA

Sizwe Sibiya

Njengoba uSomizi Mhlongo esebuyile kanye namajaji amasha uThembi Seete noJR Bogopa eceleni kwakhe kuma-Idols SA kulindeleke ukuthi bashaye into ecokeme njengoba kuqhubeka isizini yesishiyagalombili yalo mqhudelwano.

Le sizini iqale ukukhonjiswa ku-DStv esakaza ngokubambisana ne-Showmax kanye noMzansi Magic channel 161 kanti isiqephu sokuvula sisethulele amathalente ahlukahlukene omculo. 

Ovela e-King Williams Town e-Eastern Cape uZwadesh Tshatshu ujabulise amajaji ngesigingci sakhe kanye nezwi lakhe elimnandi ngesikhathi kuqala lolu hlelo. Kodwa lo mculi oneminyaka engu-25 ubudala akazange adlale isiginci sakhe isikhathi eside.

UMhlongo ushaye itafula njengesigubhu sengathi ingane yesikole ngesikhathi uTshatshu eqhubeka nokucula i-capella.

“Awu makhelwane wami, ngangazi ukuthi usazoduma! Ngimjabulele kakhulu,” kukhala uNomawabo Sitela ephawula ngevidiyo yakhe esabelele ezinkundleni zokuxhumana manje.

Ngemuva kokuthola ithikithi legolide lokungena esigabeni esilandelayo ulandelwe ngomunye umculi ohambisana nekhono lokudlala isigingci esebenzisa iphimbo lakhe kuphela uNozi Sibiya.

Lo wesifazane oneminyaka engu-27 ubudala waseThekwini KwaZulu-Natal ukhiphe konke okusenhliziyweni yakhe, ecula ingoma yomculi waseMelika u-H.E.R ethi-Hard Place. 

Kodwa uNikita Khan waseThekwini nguyena ohlabe umxhwele amajaji athinteka emoyeni.

Ngokunqoba ukukhathazeka kwakhe kanye novalo lwasesiteji uKhan osebenza njengomlawuli wamasheya omncane unconywe amajaji ngomzamo wakhe, kodwa womathathu amajaji anqabile ukuthi adlule emzuliswaneni olandelayo. 

Kodwa wakwazi ukuzitholela ithikithi legolide embukisweni wokunqoba ongamashumi eminyaka okwesaba esiteji.

Khonamanjalo uSeete noBogopa bangene ezicathulweni zalabo ababengamajaji uRandall Williams no-Unathi Nkayi, abangakwazanga ukungena njengamajaji esizini entsha.

UMhlongo ujabulisa izigidi ezilandela lo mncintiswano, u-Seete ugcina umbukiso uqhubeka kanti uBogopa obuye abe ngumdidiyeli womculo yena ugxile emculweni. Kubonakala kuyisizini ehlukile futhi asikwazi ukulinda ukubona okuzayo.

Umthombo wesithombe: ShowMax

Izihloko zakamuva