Ibutho eligada uZuma liyahlakazwa

Lungani Zungu

I-ANC National Working Committee (i-NWC) ichithe uMkhonto weSizwe Military Veterans Association (i-MKMVA), uhlakaze uphiko lweqembu eseluphenduke ibutho lowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.

UNobhala-Jikelele osabambile uJessie Duarte wazise labo ababengamasosha ngesinqumo encwadini ebhalwe mhla ziyisithupha kuNhlangulana.

UMengameli we-MKMVA uKebby Maphatsoe uthukuthele uyaveva. “Lesi yisinqumo esibahlukanisa phakathi,” utshele i-Scrolla.Africa ngoLwesibili.

Uthe ubuholi be-MKMVA buzohlangana nabaholi be-ANC kuzwelonke.

Onobudlelwano obuseduze noZuma nowayengungqongqoshe wezeziMali uDes van Rooyen, owayenguMgcinimafa-Jikelele wohlaka olwahlakazwa, ucelwe ukuba aphawule kodwa wanqaba.

UCarl Niehaus, umhayi wezibongo zikaZuma, ubekhulumela isikhungo futhi esebenza nasehhovisi likanobhala-jikelele we-ANC omisiwe u-Ace Magashule eLuthuli House.

Ngenkathi uZuma edelela umyalo we-ConCourt owamtshela ukuthi avele kwikhomishini yokulawulwa kombuso ngoMasingana, amalungu e-MKMVA aphuthuma emzini wakhe oseNkandla “ukuyolwa” mayelana nokuboshwa kwakhe.

Ngisho namanje, iqenjana lamalungu e-MKMVA lisengaphandle kwendlu kaZuma.

Ngesikhathi lowo owayengumengameli evela eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu ngenyanga eyedlule ngamacala akhe ezikhali, i-MKMVA yayikhona ukuzomeseka.

Isinyathelo sokuhlakazwa kwaleli butho ngesinye isibonakaliso sokuthi amandla kaKhongolose alinganiswe kahle futhi anesisindo sangempela kuMengameli uCyril Ramaphosa. URamaphosa umemezele ngoNhlaba ukuthi leli butho lizohlakazwa.

Omakadebona be-MKMVA banqumela uMengameli ugwayi katiki ukuthi azame ukubahlakaza, kodwa zonke izinsongo zabo zabonakala zingaluphazamisi uhlelo lukaRamaphosa.

Okhulumela i-ANC uPule Mabe akatholakalanga ukuba aphawule.

Izihloko zakamuva