Lubhalwe nguChiamaka Okafor
I-Burkina Faso, i-Mali ne-Guinea ephethwe amasosha sebememezele ukuthi bayakweseka ukuketulwa kombuso e-Niger.
I-Burkina Faso ne-Mali baxwayise esitatimendeni esihlanganyelwe ngoMsombuluko ukuthi noma yikuphi ukungenelela kwamasosha ngokumelene ne-Niamey kuzothathwa njenge simemo sempi.
“Noma yikuphi ukungenelela kwamasosha ngokumelene ne-Niger kuzofana nesimemo sempi ngokumelene ne-Burkina Faso ne-Mali,” bengeza ngokuthi isenzo esinjalo singase sibe imbangela “yemiphumela eyinhlekelele engaphazamisa isifunda sonke.”
Lesi sexwayiso sifundwe emisakazweni kazwelonke ngemuva kosuku i-Economic Community of West African States (Ecowas) isabise ngokuthi izosebenzisa amandla ukubuyisela uMengameli wase-Niger uMohamed Bazoum esikhundleni uma labo abahlela ukuketula umbuso bengakwenzi lokho ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa.
“Ohulumeni bezinguquko base-Burkina Faso ne-Mali bazwakalise ubumbano lwabo … kubantu base-Niger abathathe isinqumo sokuzithathela umthetho ngezandla abaphinde baveza ubumbano,” kubhala i-Aljazeera ecaphune okushiwo yila mazwe amabili.
Bachaze unswinyo olubekwe e-Niger “njengolungekho emthethweni kanye nelinobulwane kubantu neziphathimandla zase-Niger.
E-Guinea umbhalo ofakwe enkundleni yezokuxhumana i-X ufundeka kanje: “IKomiti likaZwelonke le-Rally for Development (CNRD) lizwakalise ukweseka kwalo ngokuqinile abantu baseNiger lagcizelela ukubaluleka kwezimiso ze-Pan-Africanism kwiNhloko yezwe uColonel Mamadi Doumbouya.”
Iziqhelelanisile nezijeziso ezibekwe i-Ecowas.
Abaholi bokuketula umbuso e-Niger baqoke uJenene u-Abdourahamane Tchiani owayeyinhloko yonogada bakaMengameli njengenhloko yezwe bathi baketule uBazoum ngenxa yokubusa kwakhe kabi. Abaneme nangendlela asingathe ngayo izinsongo zezokuphepha ezivela emaqenjini axhumene ne-al-Qaeda kanye ne-ISIS/ISIL.
Ngesikhathi amazwe ememezela ukweseka abaketuli bombuso, amasosha ase-Niger abophe izikhulu eziphezulu zikahulumeni ezibandakanyeka kulo mbimbi. UNgqongqoshe wezezimayini, uNgqongqoshe kawoyela kanye nenhloko yeqembu elibusayo bangabanye ababoshwe ngoMsombuluko.
UNgqongqoshe wezangaphakathi, owezokuthutha kanye nowayenguNgqongqoshe wezokuvikela nabo baboshiwe.
Khonamanjalo, ngoLwesibili uhulumeni wase-France umemezele uhlelo lokutakula abantu babo nabanye abantu baseYurophu e-Niger.